Izigameko zokuminza ezahlukene

2018-01-25 06:01

AMAPHOYISA esifunda Ugu abika ukuthi kuminze abantu ababili ezigamekweni ezinzeke ezinsukwini ezingengaki ezedlule. Esigamekweni sokuqala esenzeke ngolwesithathu olwedlule Ezinqoleni, umfana oneminyaka eyishumi nesikhombisa (17) uminze emfuleni wangakubo aye kuwo eyobhukuda, kwazise nelanga lalibalele. Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Zandra Wiid uthe lomfana uhlangabezane nobunzima emanzini wacwila wangabe esabonakala.

“NgoLwesine ekuseni uWarrant-Officer Rommel da Rossa noWarrant-Officer Marc Wiid bophiko lwamaphoyisa lwezokuhlenga banikele endaweni yesigameko bafika lapho kunyamalale khona lomfana,” kusho uWiid.

Emva kokufuna isikhashana, uye watholakala umzimba wakhishwa emanzini. Amaphoyisa asaphenya.

Esigamekweni sesibili esenzeke ngeSonto eOslo Beach, umlisa waseGamalakhe oneminyaka engama-20 uminze olwandle. Ngokusho kwesihlobo sakhe ebesinaye, lomlisa ungene emanzini kanti uzothathwa yigagasi elinamandla. Uzamile ukubhukuda abuyele osebeni kwanhlanga zimuka nomoya. Imizamo yokumthungatha lomlisa isaqhubeka. – Luthunyelwe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.