Izinsolo zokukhwabanisa enkulisa

2016-08-18 06:00

UMPHAKATHI wakwaMadlala uzwakalise izikhalazo zawo ngendlela inkulisa esendaweni ephethwe ngayo.

Omunye wabazali onengane kuyona lenkulisa utshele iphephandaba ukuthi akajabulile neze ngokudla okudliwa yizingane. Uthe isonto lonke izingane zidla ubhontshisi

Uthe kusolakala ukuthi imali abayikhokhayo ayizenzi izidingo zokunakekela abantwana.

Lomzali othe akathandi ukuziveza ngoba usabela ukuthi ingane yakhe izohlukunyezwa uthi akuqondakali ukuthi imali yokuthengela izingane ukudla evela emNyangweni weZokuthuthukiswa koMphakathi yenziwani uma izingane zinganikwa ukudla okufanele.

“Impela asazi yini edala ukuthi izingane zidliswe ubontshisi kuphela kungashintshwa nangolulodwa usuku,” kusho lo mzali

Uphinde wathi okucasula kakhulu abazali ukuthi nabo bayakhokha nyanga zonke imali eR50. Ubuze ukuthi kanti lemali yenziwani.

Osebenzela umNyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uvumile ukuthi zikhona izinkinga enkulisa kepha yena akagunyaziwe ukuba akhulume nephephandaba kumele kuxhunyanwe nehhovisi eliphezulu lomnyango.

Ithunyelwe imibuzo emNyangweni kepha impendulo ayikatholakalanga ngesikhathi sokushicilelwa kwephepha.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.