Kubangwa eyokugibela ematekisini

2017-08-24 06:00

ISITHANDA ukubaxabanisa abashayeli nabagibeli abahamba ngomgwaqwo uMarburg Road indaba yamatekisi agibelisa abantu ngo R5 ebe amanye ethatha imali engange R10. Indaba kuthiwa iqala nje ezitolo zaseMarburg njengalokhu abagibeli sebevele bamise bakhombise amarandi amahlanu ngesandla.

Kuthiwa amatekisi asuka eGamalakhe naseNyandezulu iwona kanye alayisha abagibeli ngalelinani lika R5 bese kuthi lawa aqhamuka eMurchison athathe imali ephelele engange R10.

USbongiseni Zamisa ongumgibeli uthi abanye abantu abaningi bancamela ukuba bahambe ngezinyawo besuka eMaburg beya ePort Shepstone kanye nase Bhobhoyi ngoba bekhaliswa ibanga elincane ngemali efanayo.

Ukusuka eMurchison uya edolobheni lasePort Shepsron amakhilomitha ayi-14.2 bese kuthi ukusuka eMarburg uya ekulona belu idolobha ayi-10.

Lomgibeli ongakusabi ukukhuluma kodwa ongafuni ukuvezwa ephephandabeni uthi okumbi kakhulu ngukuthi amatekisi lawa asuka eMurchison agcina esengabalayishi abantu uma ebafica ezitobhini esezithanda ukusondela edolobheni kodwa futhi baxabane nalabo abathatha abagibeli ngohhafu wemali.

“Isizathu ilaba abavele bamise bakhombise ngesandla uR5,” kuchaza uZamisa

Omunye umshayeli ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe lento yimbi ngoba ingagcina isixabanisa kanti kumele kusetshenziswane kungabibikho abantu abenza ngendllela yabo bodwa.

Usihlalo waZamukukhanya Taxi Association uMabhutana Skhosana ethintwa ngaloludaba uthe akumele laba abaqhamuka ngakwezindawo behlise inani okugitshelwa ngalo amatekisi kumele basebenzise lelonani elisuke libizwe ngusosesheni osebenza kuleyondawo.

“Angeke sisho ukuthi abangalayishi ngoba phela abanye abantu kuvele kume itekisisi bagibele kuyona,” kuchaza uSikhosana.

Ube eseveza ukuthi bengusosesheni uZamukuthula bazama ngazozonke izindlela ukuba kungabibikho izinkinga emgwaqweni.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.