Kuboshwe abasola ngePhasika

2018-04-12 06:01
Imali egcinwe amaphoyisa etholakale kubasolwa ngempela sonto.Isithombe: Sithunyelwe

Imali egcinwe amaphoyisa etholakale kubasolwa ngempela sonto.Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAPHOYISA asePort Shepstone abophe izigilamkhuba eziningi kulempelasonto yePhasika. Bonke ababoshiwe bacithe lempelasonto esitokisini belindele ukuvela enkantolo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Zandra Wiid uthe ngoLwesihlanu mhla ka-30 kuNdasa (March) ntambama abohlaka olulwisana nobugebengu iCrime Prevention Unit bathole umbiko ngemoto ewuhlobo lweToyota RunX ebihamba abesilisa abagebenge abantu amakhadi asebange.

“Le moto ebihamba abesilisa abane abaneminyaka elinganiselwe kwengama-24 kuya kwengama-35 imiswe amaphoyisa enkabeni yedoloba, baboshwa bonke abalisa,” kusho uWiid. Uthe abasolwa baboshelwe ukukhwabanisa.“Omunye walabasolwa otholakale nekhadi lasebange ubekwe icala lokutholakala nento entshontshiwe.” Uthe ngalo futhi lolu suku amaphoyisa umsolwa odayisa izidakamizwa oneminyaka engama-27. “Lo mlisa uthe ngokubona imoto yamaphoyisa washo ngejubane ebaleka . Amaphoyisa akwazile ukumjaha abamba bese ambopha. Utholakale ne-cocaine eyi-15 eyinanielilinganiselwe ku-R950. Ngesikhathi eboshwa lomsolwa uzame ukugwazela amaphoyisa, wathi uma engabekwa icala uzokhokha. Amaphoyisa abese evuma, kwafika owesilisa oneminyaka engama-43 ubudala ethi uzokhokha imali engango R9000 ukuze lomsolwa adedelwe. Bobabili baboshiwe. Lo obezokhokhela umlisa uthweswe icala lokumokolela (bribe)amaphoyisa.”

“NgoMsombuluko ekseni, elinye lamaphoyisa lakwi-Crime Intellegence Unit ebeliqhuba uphenyo ngombiko ebeliwuthole enkabeni yedoloba, ngesikhathi libopha abesifazane ababili abaneminyaka engama -31 nengama-35 ubudala abebezenza abasebenzi benkatolo. Labesifazane bebethembisa abomphakathi umsebenzi enkatolo bethi ofuna umsebenzi akakhokhe u-R500. Ababili ebesebeyikhokhile lemali bebenezinsolo zobugebengu base bexhuma namaphoyisa.” Laba bazovela enkantolo maduzane.

UWiid uthe kutholakele ukuthi labasolwa banamanye abacala obungebengu ngaphambilini. -Sithunyelwe

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.