Kuboshwe odayisa izidakamizwa

2017-02-16 06:01
isithombe: sithunyelwe Amaphoyisa abambe umsolwa (kusuka kwesokunxele) Bhekinkosi Phungula, Mlindeli Mseleku, Siyanda Msoni noWarrant Officer Etienne Grantham.

isithombe: sithunyelwe Amaphoyisa abambe umsolwa (kusuka kwesokunxele) Bhekinkosi Phungula, Mlindeli Mseleku, Siyanda Msoni noWarrant Officer Etienne Grantham.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAPHOYISA abophe obanjwe nezidakamizwa ngeSonto erenke yamatekisi ePort Shepstone. Okhulumela amaphoyisa uKapteni Gerald Mfeka uthe amalungu amaphoyisa abeqhuba umsebenzi wokulwisana nobugebengu emva kokuthi bethole umkhondo wokuthi kunobugebengu okuqhubekayo lapha erenke ntambama. UMfeka uthe ngesikhathi amaphoyisa engena erenke abone owesilisa obukeka esolisa ebaleka ngejubane amlandela.

"Amaphoyisa amficile lomlisa ammisa, athola ephethe ama-straw ewhoonga angama-313, i-heroine, amaphilisi angama-20 e-mandrax. Ube eseboshwa lomlisa kanti uzovela enkantolo kulona lelisonto,” kusho uMfeka.

Amaphoyisa abophe lomsolwa nguBhekinkosi Phungula, Mlindeli Mseleku, Siyanda Msoni kanye noWarrant Officer Etienne Grantham.

Intatheli yeFever ihambele enkantolo ngomsombuluko eskuseni yafica kuqulwa lelicala ekantolo.

Umsolwa uvumile phambi kwenkantolo ukuthi unawo amanye amacala agwetshelwa wona ngaphambilini, kepha ucela ibeyili kuleli.

Inkantolo ilihlesilile icala yathatha isinqumo sokuthi umsolwa abuye mhla zingama-17 February ukuzofaka isicelo sebheyili. Umsolwa ugcinwe esitokisini.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.