Kudutshulwe emzini wekhansela

2016-08-11 06:00

ZIYAQHUBEKA izigilamkhuba nokuhlasela abaholi bezepolitiki emizini yabo.

NgoMsombuluko ngezikhathi zehora lesibili entathakusa kudutshulwe umuzi wekhansela laseGamalakhe kuWadi 5 lehlangano iANC, uMnu. Phumlani Gumbi.

UGumbi uthe ubengalele kepha esendlini wezwa kuqhuma isibhamu siqhuma eduze waphuthuma wayakobheka ewindini.

“Inhlavu ishaye ewindini lendodakazi yami ebihlezi ifunda izilungisela izivivinyo zikamatikuletsheni. Ngenhlanhla ayilimalanga kepha inhlavu ishaye nje eceleni kwangadaleka monakalo otheni,” kusho uGumbi. Uthe ngenhlanhla uye wakwazi ukuthi ambone lomuntu odubulile.

“Ngimbonile lomuntu odubulile kanti futhi ngibikile nasemaphoyiseni ukuthi bekumuntu engimaziyo,” kusho uGumbi. Ugcizelele ukuthi lesi sehlakalo asihlangene nombango wezepolitiki.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Gerald Mfeka uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala kanti akukaboshwa muntu.

Okhulumela iANC uMnu. Sipho Dlamalala uthe ubengakezwa ngalesi sehlakalo kepha bona njengenhlangano badlulisa umyalezo kwabomthetho ukuba benze umsebenzi wabo kuboshwe abasolwa ngokushesha.

“Sekukaningi kudutshulwa abaholi bethu, sithanda ukuthi abomthetho abaphuthume babophe isigilamkhuba, umthetho udlale indima yawo,” kusho uDlamalala.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.