Kudutshulwe kwabulawa uthisha

2018-10-25 06:03
Isithombe: SithunyelweIndawo yesehlakalo lapho kwadutshulwa kwabulawa khona uthisha elibangise esikoleni ngeLwesithathu olwedlule ekuseni.

Isithombe: SithunyelweIndawo yesehlakalo lapho kwadutshulwa kwabulawa khona uthisha elibangise esikoleni ngeLwesithathu olwedlule ekuseni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Umphakathi, othisha kanye nabafundi besikole saseMalusi endaweni yasoShabeni bakhala ezimathonsi ngokubulawa ngesihluku kukathisha ofundisa isiNgisi, owadutshulwa wabulawa ngoLwesithathu olwedlule zi- 10 kuMfumfu(October). UNks Gugu Precious Cele oneminyaka engama-50 wadutshulwa wabulawa ekuseni elibangise esikoleni esemotweni yakhe.

Ngokusho kwamalunga omphakathi umgwaqwo wabe uvalwe ngamatshe lokho okwabe kumphoqa ukuthi amise imoto nokwenza izinswelaboya zithole ithuba lokumsoconga.

Ongusihlalo weNkatha Freedom Party uSifundo Ngwane uthe kuningi okusamele kwenziwe ukuvikela othisha kanye nomphakathi ezigamekweni ezifana nalezi futhi kumele amaphoyisa aqinisekise ukuthi izigilamkhuba zigcina zibanjiwe njengoba lokhu kwenzeka emini kabha.

Ongusihlalo wekomidi lesikole uSimphiwe Shibe uthe abafundi kanye nesikole sishaqeke kakhulu ngokwenzekile njengoba ngisho nothisha besikole bebonakala benokudideka ngesigameko esehlile. Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini ngesigameko esehlele umndeni. Ngesikhathi loludaba lufakwa ezinkundleni zokuxhumana iFacebook yeSouth Coast Fever abantu abaningi bezwakalisa ukuthuka ngalesisigameko.

Umfundi ongathandanga kudalulwe igama lakhe ukhulume nephephendaba wathi lesi kuzoba isikhathi esinzima kakhulu kubona bengabafundi njengalokhu bezoqala ukubhala. Ube eseveza nokuthi uthishelakazi wabo ubekhombisa okukhulu ukuzimisela ekwakheni ikusasa labafundi eliqhakazile.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Thulani Zwane usiqinisekisile lesisigameko wathi amaphoyisa asaphansi phezulu nophenyo kanye nembangela eholele ekutheni kubulawe lothisha ngesihluku.

“Akekho osaboshiwe kanti aseMehlomnyama aphenya icala lokubulala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.