Kudutshulwe usomatekisi washona

2018-02-22 06:01
Isithombe : SithunyelweUMnz Jabulani ‘Qobinyoni’ Mbili weboni yamatekisi EGamalakhe.

Isithombe : SithunyelweUMnz Jabulani ‘Qobinyoni’ Mbili weboni yamatekisi EGamalakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OBAZIWA ngelika Qobinyoni, uMnu Jabulane Mbili obengunobhala wemboni yamatekisi aseGamalakhe aphinde ahlale isigungwini esiphezulu samatekisi esifundeni udutshulwe washona ngoLwesihlanu olwedlule emzini wakhe okuAbelia Cresent eSouthport.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Zandra Wiid uthe amaphoyisa ase-Southport ngesikhathi ezwa ngesigameko aphuthume khona kodwa amthola esethulile.

“Kusolakala ukuthi uthe umufi epaka ngaphandle kwesango kwakhe ngetekisi kwabakhona umuntu omdubulayo inhlamvu yamshaya ekhanda.

Lo odubulile akaziwa futhi akabonakalanga kodwa icala lokubulala livuliwe nophenyo luyaqhubeka,” kusho uWiid.

Abemboni yamatekisi bathe loludaba lushaqisa kakhulu. yize noma bengenalo ulwazi lokuthi ukufa kwakhe bekumayelana nani. Akukatholakali noma bekuhlangene nombango wasematekisini noma cha.

Usihlalo weGamalakhe Taxi Association uMnz Cornelius Cele uthe kuyethusa kakhulu okwenzekile.

“Engikwaziyo nje ukuthi usuke khona eGamalakhe erenki engumuntu ogodukukayo ngaphambi kokuthi kwenzeke lokhu. Akukho okuningi engingakuphawula kodwa udaba lusemaphoyiseni luyaphenywa,” kusho uCele.

UMnuz Nhlanhla Mzelemu ongusihlalo wenhlangano yamatekisi iSantaco kulesi sifunda uthe uzwe ngeSonto ngesehla- kalo.

“Kungishaqise kakhulu ukuzwa ngaloludaba. Engingakusho ukuthi uma kuhlangene namatekisi, impela lento isiba injwayelo endaweni yaseGamalakhe.

UMbili ngisebenze kakhulu naye njengoba ebengumuntu ebesihlala naye emihlanganweni yamatekisi futhi oseqhubile kulemboni. Isixazululo akukona ukubulala, uma kukhona inkinga kumele ixoxwe kutholwe isixazululo.

Uma ngabe bambulalele umthetho lokho ngeke kubasize ngalutho ngoba bakhona abanye abebambisene nabo abazowuqhuba umthetho.

Engingakusho nje ukuthi asihambisani nokubulawa kwabantu futhi siyacela kubona bonke abemboni ukuthi silwisane nalento,” kusho uMzelemu.

Izinhlelo zomncwabo azikaziwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.