Kugqugquzelwe abafundi ukuba bavote

2016-03-24 06:00
PHOTO: precious gumede Abafundi base Ngwemabala bathi bazobhalisela ukuvota (kusukela kwesokunxele) Nombuso Ntobela, Sizakele Ndwalane, Lungile Mthethwa kanye noMakhosi Mzobe.

PHOTO: precious gumede Abafundi base Ngwemabala bathi bazobhalisela ukuvota (kusukela kwesokunxele) Nombuso Ntobela, Sizakele Ndwalane, Lungile Mthethwa kanye noMakhosi Mzobe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKHOMISHANA yokuvota i-Indepanent Electoral Commision (IEC) ivakashele isikole iNgwemabala endaweni yaseBetani ngolwesihlanu ihambisana nomsakazo UKhozi FM nezikhulumi ezahlukahlukene zemikhandlu Ugu kanye ne Hibiscus ukuyogqugquzela abafundi ukuba ababhalisele ukuvota okhethweni lomasipala makhathaleni kulonyaka.

Abekhomishana bathe ithuba lokubhalisa lisazophinda livulwe ngomhlaka 9 kuya ku10 enyangeni ezayo uMbasa (April) ukuze bonke abangabhalisanga bathole ithuba lokuyozibhalisa.

Okhulumele ikomishana Ogwini uMnu. Sihle Mbatha uthe inhloso yokuvakashela lesikole ukuthi intsha ithathe ithuba lokuba yinxenye yalabo abazovota bevotela amakhansela abo okuyiwona abamba iqhaza ekuthi kuthuthukiswe imiphakathi.

“Sibone kunesidingo esikhulu sokuthi sikhulume nabantu abasha ngesizathu sokuthi kutholakele ukuthi bona badonsa izinyawo uma sekuyiwa odabeni lokuvota. Intsha ayazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuba ivota njengoba kuyilungelo layo.”

Okhulumele uhlaka lwentsha esifundeni Ugu uMnu. Athur Mbhele uthe isizathu sokuthi intsha ingakuboni ukubaluleka ekuvoteni ukuthi ayiyazi ingqikhithi nokubaluleka kanye nendabuko yenkululeko. UMbhele ukhulume ngelinye lamaqhawe elalwela inkululeko laze layifela uSolomon Mahlangu.

“USolomon Mahlangu wathi emazwini akhe okugcina ngaphambi kokuthi alengiswe, ‘Igazi lami lizochithekela eshihlahleni esizothela izithelo zenkululeko’. Ngalokhu uMahlangu wayesho ukuthi abazomlandela abaqhubeke nomzabalazo wokulwela inkululeko. Inkululeko iyona esilwelayo ngokuthi sinakekele amalungelo ethu,” kusho uMbhele.

Okhulumele umasipala iHibiscus Coast ophuma emnyangweni wezokuxhumana uMnu. Simon April uthe ukuvota kuwukuzwakalisa uvo lwakho. UApril uthe kuyadabukisa ukwazi ukuthi intsha kusukela kulaba abaneminyaka ebavumelayo ukuba bavote ingu 10% kuphela ekhombise ukuba nendaba ngokuvota.

“Ukuvota kubalulekile. Ukuvota kuyisinyathelo sokuqala ekutheni wakhe ikusasa lakho njengomuntu omusha,” kusho uApril. Uthe uma uvotela ikhansela uvotela umuntu ozoba namandla okuletha intuthuko emphakathini wakho futhi abenamandla ukwenza izinqumo ezizosiza wena.

UMakhosi Mzobe uthe ufunde kukhulu njengoba ethole ulwazi ukuthi ukuvota kuyeyinye yezindlela yokulwela inkululeko yakho njengomyalelo kaSolomon Mahlangu.

“Ukuvota kunemiphumela emihle. Ngifunde okuningi ezikhulumini zanamhlanje,” kusho uMakhosi.

Omunye umfundi uLungile Mthethwa uthe yena ubengakabhaliseli ukuvota kepha kulempelasonto yomhlaka 9 kuya ku 10 April uzoqinisekisa ukuthi uyabhalisa.

“Mina angikakabhalisi kodwa sengizobhalisa ngoba ngizwile ukuthi kubaluleke kanjani nanokuthi kusivulela amathuba ekusasa lethu njengentsha,” kusho uLungile.

Umsakazo uKhozi FM belusakaza bukhoma emagcekeni esikole ohlelweni luka Dudu Khoza lapho kukhulunywe nezikhulumi zakwa IEC zichaza kabanzi ngokubaluleka kokuvota kwentsha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

6 myths about male cancer

It is important to be aware of the most prevalent cancer diseases amongst men in our country.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.