Kugqugquzelwe abantu abasha

2018-11-01 06:01

ABANTU abasha abangaphansi kwamasipala waseRay Nkonyeni babambe ingqungquthela yabo ngoLwesine olwedlule nalapho kwakuxoxwa khona ngezindaba ezithinta bona uqobo.

Lengqungquthela yabe ihanjelwe nangumsakazi weGagasi, uFelix Hlophe nalapho kwabe kusakwazwa bukhonma uhlelo lwakhe olubizwa ngeMidday Shandis.

Phakathi kwezinto abakhuluma ngazo ukudingida udaba lwezemfundo umhlaba futhi neqhaza abangalibamba ekuthuthukisweni komnotho wesifunda.

Ucwaningo lwakamuva luveze ukuthi baningi abantu abasha abaswele amathuba emisebenzi lokho okwenza kube kunguthi sekuyisikhathi sokuthi basukume bazibambele bona ukuze benze izimpilo zabantu zibe ngcono.

UThandokuhle Mbele owabe naye ehambele lombuthano wabantu abasha uthi okubalulekile ngukuthi abantu abasha bahlukane nokufundela ukuthi babe ngabaqashwa kodwa bona babe ngosomabhizinisi ukuze bakwazi ukubhekana nezinselelo ezikhona zokushoda kwamathuba emisebenzi.

ULungani Mfeka ezikhulumela emi nezinye izinsizwa wathi okubuhlungu kakhulu ngukuthi nakuba abantu abasha befisa ukungena kwezamabhizinisi, bathola ingcindezi njengalokhu eminye yemigomo okumele ilandelwe kuze umuntu athole umsebenzi ike ithande ukubanzima kanti ukuze baqale ibhizinisi badinga uxhaso lolu abangalutholi. Ngenyanga edlule umasipala waveza ukuthi usuzosebenzisana nelinye lamabhange amakhulu ukuze ulekelele osomabhizinisi abasafufusa kanye namabhizinisi abantu abasha.

Ngokwesitatimende esabe sikhishwe ngumasipala sasiveza ukuthi lelobhange liyokwazi ukuthi linikeze uxhaso lwezimali kosomabhizinisi abasafufusa.

Ihhovisi labantu abasha bakwamasipala lona lihlale njalo livuliwe ukuze bonke labo abafuna uxhaso baluthole kalula.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.