Kugujwe usuku lokuzalwa kweNkosi

2018-06-21 06:01
Abethamele umcimbi othisha base KwaMasosha High School, UNksz uNzimande, uNksz Bule Zenda noNksz Dlongolo. IZITHOMBE : OMEGA MOAGI

Abethamele umcimbi othisha base KwaMasosha High School, UNksz uNzimande, uNksz Bule Zenda noNksz Dlongolo. IZITHOMBE : OMEGA MOAGI

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yabefundisi iPastors Forum KwaNzimakwe ibe nomkhuleko obuhlanganise nokugujwa kosuku lokuzalwa kweNkosi yesizwe saKwaNzimakwe uMnuz Bhekizizwe Nzimakwe ebi gubha iminyaka engama-68 ubudala ngoLwesihlanu olwedlule enkantolo yesizwe.

Abefundisi bebe shiyelana inkundla ngamazwi okukhuthaza isizwe kanye nokukhulekela isizwe ukuba siphume obishini lwezidakamizwa, ukukhulelwa kwezingane ezincane kanye nobugebengu.

Izikhulumi zosuku bezisho ngazwi linye ukuthi iNkosi iyona eseyisele eMakhosini asesifundeni soGu futhi seyihlale isikhathi eside kwesobuKhosi njengoba iwubambe lomsebenzi iminyaka engama-42.

INkosi ibonge kakhulu uNkulunkulu oyigcine isikhathi esingaka ukuba ihole isizwe sika yise wayo uNcethewane noyisemkhulu uXhonya.

Owenhlangano yabefundisi uMfu Themba Mkhize uthe lo mcimbi uzogujwa minyaka yonke njengoba kubalulekile ukuthi kukhulekelwe isizwe saKwaNzimakwe nokucela kumdali ukuba sihlale njalo siphephile futhi singenazo izinkinga.

UNdlunkulu uNkk Phakamile Nzimakwe ubongele iNkosi ngokuthi kugujwe usuku lwayo lokuzalwa yabonga noNkulunkulu ngokuthi iyigcine isikhathi eside.

Uqhube wathi ufisa iNkosi iphile iminyaka iminingi ukuze ibone isizwe saKwaNzimakwe sidlondlobala.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.