Kuhlangane abesilisa basOgwini

2017-12-21 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWEAbeBlacksuit Gentlemen’s Club (kusuka kwesokunxele) Mnu Phaphaza Lubanyana, Mnu Thandokuhle Njeya, Mnu Phumlani Mzobe, Mnu Nathi Mnyayiza noMnu Sbusiso Shusha.

ISITHOMBE: SITHUNYELWEAbeBlacksuit Gentlemen’s Club (kusuka kwesokunxele) Mnu Phaphaza Lubanyana, Mnu Thandokuhle Njeya, Mnu Phumlani Mzobe, Mnu Nathi Mnyayiza noMnu Sbusiso Shusha.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

EZINSUKWINI ezingengaki ezedlule bekubanjwe ingqungquthela yamadoda asOgwini eMargate Hotel. Lengqungquthela ibihlelwe umasipala iUgu District Municipality nehhovisi lawo lakwaSpecial Programmes eliholwa uNksz Dudu Ngcobo.

Lomhlangano ubuhanjelwe amakhosi, abamasonto, intsha kanye nezihlangano ezingenzi nzuzo (NPO).

UNksz Yolanda Nyawose wehhovisi likamasipala uthe bekhuhlangene amadoda anemiqondo efanayo.

“Amadoda akhulume ngokuthi kumele aziphathe kanjani emakhaya nasemphakathini, nanokuthi igama elithi indoda lifanele umuntu wesilisa onjani. Esikhathini esiningi kutholakala kuyiwona ahamba phambili ezintweni ezingalungile.

Uthe kuningi okukhulunyiwe, kubalwa ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane nokunye.

Kubesekukhethwa iUgu Men’s Forum ezosebenza ukwehlisa lezi zinto ezingalungile ezenzeka emphakathini, nanokuthi kukhuliswe ababafana ngendlela efanele ukuze bakhule babe ngamadoda aqotho.

UMnuz Phumlani Mzobe uhambele lomhlangano nezinsizwa zakhe zeBlack Suits Gentlemen’s Club nezinye izingamalunga ePhumlani M Foundation, okuyinhlangano yakhe uMzobe ebhekelela ukuthuthukisa intsha. Uthe kuningi akuzuzile kulomhlangano kanti futhi bazinikelile ukusebenzisana nohlaka olukhethiwe.

“IPhumlani M Foundation iyazibophezela ekusebezisaneni ne-Mens Forum. Uqhubeke wathi kubalulekile ukuthi intsha nayo izihlanganise namadoda asemadala ngoba kuningi okuzuzwayo kuwona.

“Akukuhle ukuthi amadoda ahlanganyele wodwa akhulume wodwa bengekho abafana abancane ngoba lokho kwenza ukuthi labafana bazithole sebesezinkingeni, ngenxa yokuthi ababoniswa ngumuntu ngempilo yobudoda,” kusho uMzobe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.