Kuhlelwa ukuqeqeshwa kosomabhizinisi

2018-07-12 06:00
Osomabhizinisi abebehambele umcimbi wokuhlelwa kokuqeqeshwa kosomabhizinisi IsITHOMBE: THAMI KA-NKOSI

Osomabhizinisi abebehambele umcimbi wokuhlelwa kokuqeqeshwa kosomabhizinisi IsITHOMBE: THAMI KA-NKOSI

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yosomabhizinisi i-Ugu Association of Businesses ibe nokhukhulela ngoqo wokuqeqeshwa kosomabizinisi abancane ngoLwesithathu olwedlule ehholo elisenkabeni yedolobha iCivic centre.

Loluhlelo belwenziwe ngokubambisana nezinhlaka zikahulumeni namabhizinisi azimele.

UMnuz Thanda Ncane ongusihlalo walenhlangano uthe kubaluleke kakhulu ukuba osomabhizinisi bathole ukuqeqeshwa okufanele ukuze bakwazi ukuba namakhono adingakalayo ukukhulisa amabhizinisi abo.

Uthe okunye okubaluleke kakhulu ukuqinisekisa ukuthi osomabhizinisi bazi ukuba imiphi imigudu okumele bayilandele ukuqinisekisa ukuthi bawaphatha ngendlela efanele amabhizinisi abo.

“Baningi osomabhizinisi abakhona kodwa bagcina bengakwazi ukuthola imisebenzi ngisho emincanyana kahulumeni ngoba basuke bengaqeqeshiwe ngisho nangokugcwalisa amafomu uma kumele bathole uxhaso namathenda kahulumeni,” kusho uMnuz Ncane.

Uqhuba wathi kumele kubekhona uhlelo olucacile lokuthi ikuphi okumele kwenziwe ukuba osomabhizinisi bathole ukulekelelwa nokuhlomiswa ngolwazi izihlandla eziningi.

UMnuz Ncane ube esegxeka kakhulu inhlangano yosomabhizinisi efuna ukudla imisebenzi komasipala ngodli, wathi lokho abahambisani nakho futhi kumele inqandwe ekutheni imise imisebenzi eyenziwayo ngoba lokho kuyobe kusho ukuphazamisa ukuthunyelwa kwezidingo emphakathini.

“Siyazi ukuthi abanye balabosomabhizinisi bakhona ngaphansi kwenhlangano yethu, kodwa asizibandakanyi ekutheni kungenwe ngendlovuyangena emahhovisi omasipala kanye nokusabisa labo abathola imisebenzi.

“Uma kukhona lapho benokungagculiseki khona kumele kube ngukuthi izinto zixoxwa ngendlela zilungiswe ngale kwempi,”kuchaza yena.

UMnuz Themba Zondi ongunobhala walenhlangano uthe abanye osomabhizinisi kuze kubonakale sengathi bayahluleka ukwenza umsebenzi kanti inkinga ukuthi abanawo amakhono afanele okuqhuba amabhizinisi.Uveze ukuthi njengoba uhulumeni eseqhamuke nohlelo lokuthi osomabhizinisi abancane bakwazi ukwenza imisebenzi emikhulu kanye nokuthuthukisa umnotho kumele bazibandakanye nezinhlaka ezizobasiza bathole ulwazi olufanele.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.