Kukhunjulwe abadlali bebhola eGcilima

2018-08-23 06:02
ISITHOMBE : SITHUNYELWE Izingane nezihlobo zalabo ababengabadlali beGcilima Aces ababekhunjulwa

ISITHOMBE : SITHUNYELWE Izingane nezihlobo zalabo ababengabadlali beGcilima Aces ababekhunjulwa

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Bekubanjwe indumezulu yomcimbi wokubungaza abadlali beqembu lebhola lezinyawo iGcilima Acese asebadlule emhlabeni. Lomcimbi wabe ubanjelwe ehholo lomphakathi iGcilima hall ngeSonto eledlule.

Kulendumezulu kwabe kukhona amalunga omphakathi omphakathi Kanye nezihlobo zalabo ababengabadlali abaqavile asebalala kobandayo. Abanye babadlali baleliqembu asebabekha izicathulo zebhola ethala babeyingxenye yalesisikhumbuzo.

Unkosikazi wesikhulu esesalala u-Ian Mavundla ekhuluma ngomuyeni wakhe uthe oKaMavundla wakhombisa okukhulu ukubaluleka kwezemidlalo endaweni waphinde wakhombisa intsha ukuba kumele izimisele kangakanani uma idlala ibhola lezinyawo ngaoba belingathuthukisa indawo liphinde libakhiphe ezidakamizweni.

Umnumzane naye owake waba isikhulu saleliqembu ekhuluma ubeke ukuthi maningi amaqembu abamba iqhaza ekutheni kuthuthukiswe ezemidlalo endaweni kodwa wabalula ukuthi i-Aces yaba isibonelo esihle kakhulu entsheni kanye nasekugdugduzeleni imfundo endaweni.

Isikhulu selinye lamaqembu endawo nawesigodi sakwaXolo Martin Ngcungama wancoma iqhaza eladlalwa i-Aces wagcizelela ukubaluleka kokuthi umphakathi usebenzisane. Isithunywa esabe siqhamuka emnyangweni wezempilo sagqugquzela umphakathi ukuba ungabi namahloni okusebenzisa imishanguzo wesifo seNgculazi nesandulela sayo. Saphinde nxenxa umphakathi ukuthi uzihlolele izif ezifana noshukela, ikhensa Kanye nesifo sofuba.

Ekhulumela abakwasidlodlo uKapteni Musa Mboyisa wathi ezemidlalo zineqhaza elihle kakhulu emphakathi ukwehlisa izinga lobugebengu. “Abalandeli bebhola bayazi ukuthi eSoweto kunamaqembu amabili ekade aba yizimbangi Amakhosi (Kaiser Chiefs) namaBhakaniya (Orlando Pirates) nakhona eGcilima yi-Aces ne-Peacemakers,” kubeka yena. Wathi nakuba bekuba khona ukungaboni ngasolinye ngesikhathi kudlalwa ngenxa yokungafuni iqembu lakho lihlulwe kodwa bekwenza isimo sibesihle endweni futhi kubekhona uzinzo.

Owayekhulumela i-Peacemakers uZilo Mqadi wathi ukujabulela kakhulu ukuthi kube nomcimbi wokubungaza lamaqhawe angasekho. Wathi lomcimbi kade kungowukuqala futhi kufuneka ukhule eminyakeni ezayo.

Ekhulumela imindeni yabadlali asebalala uZwane Langazane obonge kakhulu ukuthi lomcimbi wenza bangakhohlwa asebaba mathambo mhlophe. Ekade bedlalela i-Aces o-Klembe Xama, Shisa Ngcungama and Simphiwe Ngcungama bawubonge kakhulu umphakathi nemindeni nezihlobo ngokuba yingxenye yomcimbi ukukhumbula laba ekade bedlala nabo ibhola.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.