Kuklonyeliswe othisha bamatikuletsheni

2018-05-03 06:01
ISITHOMBE : SithunyelweUMnuz Ronald Woods enikezela ngendondo nesitifikethi kuthishanhloko waseMashesha High School KwaXolo.

ISITHOMBE : SithunyelweUMnuz Ronald Woods enikezela ngendondo nesitifikethi kuthishanhloko waseMashesha High School KwaXolo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNYANGO wezeMfundo, kwisekethe lase-Sayidi liklomelise othisa abasebenze ngokuzimisela ngonyaka odlule, ikakhulukazi labo abebefundisa umathikuletsheni .

Lo mcimbi ubuse St Michaels Hotel ngoLwesihlanu oledlule, uhlelwa uNkskz Mkhaliphi noMnuz Kenny Chetty.

Lo mcimbi ubuthamelwe izicukuthwane ebezikhona kubalwa imeneja yesgceme uMnuz Shusha waseGamalakhe, uNksz Sosibo waseMargate, uNksz Kheswa waseSakhayedwa, uMnuz uNgcobo wasePischah noMnuz Naidoo waso’Gwini.
Kulo mcimbi kuhlonishwe othisha abangama-58.

UMnuz D.G Moodley wasePort Shepstone Secondary uklonyeliswa ngokuthola o-A abayi-15 ezifundweni ze-Physical Science noMnuz A.P Kannipen wathola abayi-8.

Isikhulumi sosuku, umhloli uMnuz Ronald Woods uthe inhloso yomcimbi namhlanje ukuzobungaza labo tisha abasebenza ngokukhulu ukuzimisela, bathatha igxathu lokuphumelelisa abafundi, ukuze bathole imiphumela emihle.

Uthe omunye wothisha uthole isitifiketi ezingama-41 njengoba athola o-distinction abangama-41 esifundweni sesiZulu.

Uthe: “Zimbili izikole ezihambephambili ngonyaka odlule zathola u-100% kubalwa i-Islamic School kanye nesinye esisemakhaya esingaphansi kwa-Quantile 1 iMashesha High School eKwaxolo.

UMnuz Wood ubekhuluma ikakhulukazi ngalabo tisha abebe vuka ekuseni benze amaklasi asekuseni, bedela isikhathi sabo samaholidi baphinde bafundise nasebusuku.

Abaningi bathintekile ezinhliziweni ngesikhathi kuvunyelwana ukuthi impela umsebezi wobutisha uwubizo, awufani neminye imisebenzi.

Bavumelane ngokuthi ayikho imali ekungathiwa ifanele ukuholwa ngutisha njengoba lo msebenzi kumele usuke ekujuleni kwenhliziyo.

Othisa bebe jabulile kanti nomcimbi ube yimpumelelo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.