Kumenywa umphakathi endalini

2016-08-04 06:00

IBANDLA laseNG Kerk ePort Shepstone lithanda ukumema umphakathi ukuba uzobanabo kwi-bazaar mhla zingu 6 August esikoleni samabanga aphezulu iSuid-Natal, ngoMgqibelo ngehora le-7.30 ekuseni.

Ibandla lizobe lidayisa izinhlobonhlobo zokudla okuconsisa amathe nezibiliboco. Okhulumela ibandla uJoey du Toit uthe kuzobe kukhona nemakethe lapho kuzobe kudayiswa khona umsebenzi wezandla, okuthungiwe, okukhiroshiwe nezingubo ezingamasekeni.

Udu Toit ugcizelele kakhulu ukuthi umphakathi nawo ungavula ezabo izimakethe khona lapha ukhokhe nje uR60 nje kuphela.

Uthe bayathanda nokuba bazozibonela iWhite Elephant phecelezi, Indlovu emhlophe, isitolo esidayisa uhlobo lwezinto eziyigugu okungenzeka ukuthi umnikazi wayo kade abanayo kodwa futhi akafuni ukuyidayisa ngenxa yokuthi inani layo alisaziwa.

Udu Toit uthe abafuna ulwazi oluthe xaxa angaxhumana naye kule nombolo 0396820266.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.