Kumenywa umphakathi kowonobuhle

2018-05-24 06:00
USphesihle Cele owaziwa ngelika ‘Jojo’ ozobe eyingxenye yomcimbi we-Face of Port Shepstone eGamalakhe College.ISITHOMBE: SiThunyelwe

USphesihle Cele owaziwa ngelika ‘Jojo’ ozobe eyingxenye yomcimbi we-Face of Port Shepstone eGamalakhe College.ISITHOMBE: SiThunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI uyamenywa emcimbini wozime owaziwa ngokuthi yi-Face of Port Shepstone ozoba ngoMgqibelo mhla ka-19 kuNhlaba (May) eGamalakhe College ngo 10 ekuseni.

Umhleli walo mcimbi uMnuz Phumlani Mzobe uthe kuningi okuzobe kwenzeka ngalolusuku ngakho-ke ucela umphakathi uphume ngobuningi bawo.

Uthe: “Sizobe sinezihambeli ezingingi ezisuka emikhakeni eyahlukene kubalwa uNks Nosipho Hope Mbhele osuka kwi-Gagasi FM noMnuz Sphesihle Cele odlala indawo ka ‘Jojo’ emdlalweni wamabonakude uZalo.

“Lezi zihlabani zombili zizobe ziphethe uhlelo ngalolusuku. Baningi osaziwayo abazobe bethamele lo mcimbi kubalwa uNksz Pretty Ncayiyana wase Gamalakhe ujwayele ukubonakala emidlalweni ye-Mzansi Magic futhi ozobe ethula inkulumo yosuku.”

Baningi o-Dj abazonandisa ngalolusuku kubalwa u-Dj Quonic, u-Dj Twiity, u-Dj 101, u-Qhawe, u-ZeeT, uSlwane, u-Nhlanzeko nabanye.

Uqhube wathi: “Kuzobe kukhona abathungi bemfashini abazokhangisa ngengqephu yabo, ama-pop-up- stalls, kuzobe kukhona nabantu abazofundisa umphakathi ngokuzi vocavoca ngohlobo lwama-aerobics,” kusho yena.

Uthe emva kokuphothula umcimbi wa-Face of Port Shepstone wonke umuntu uzobe elibhekise eSenzis eMargate lapho kuzokujuxuzwa [after party] khona kujatshulelwa lowo ozobe ethole isicoco.

Uma uthanda ukubukela umcimbi we-Face of Port Shepstone imali yokungena u-R30 kanti eyama-VIP u-R 100.

Ukungena emasangweni kwi-after party kubiza u-R 30 kanti ukuhlala nezicukuthwane phecelezi-VIP kuzoba u-R 80.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.