Kumnyama ebusweni benkawu esizweni esimnyama

2015-11-12 06:00

BENGISEMSHADWENI wetshitshi elimhlophe kwaSizabantu Mission eKranskop, abaziyo bathi yikwaStekeni. Bengihamba nenye inceku esindisiwe, silalele umfundisi ubaba uStekeni. Uthi umfunidisi “abantu abafuni ukukholwa ngoba bathi ukukholwa okwabamhlophe (abelungu)…kanjani ngoba nani (ekhomba ibandla lakhe labantu abamnyama) senaphenduka abelungu.

Nikhuluma isiNgisi, nidla ukudla kwesiLungu, nihamba ngezimoto, anisabhinci isiNtu senigqoka ingqephu yesiLungu, seniphuza itiye…”

Le nkulumo ingihlabile kakhulu ngoba ibishiwo umlungu (iJalimane) omhlophe qwa kepha okhuluma isiZulu, awazi izinto eziningi ngosiko lwesiNtu ikakhulukazi amaZulu…kodwa iningi lethu bantu abamnyama kuhlwile sazi zonke izinhlelo zeTV neRadio nomculo wesimanje kodwa asazi lutho ngathi uqobo.

Intshumayelo kabab’uStekeni bekuyintshumayelo ngomshado omhlophe njengoba ebelokhu eziqhayise njalo ukuthi ubeshadisa intombi-nto echaza kafushane nosiko lwengubo emhlophe neveyili ukuthi kuchazani.

Ngizizwe ngiphoxeka ekujuleni kwenhliziyo yami, ngathula ngajula kodwa ngahluleka ukuphuma nesisombululo esiyosivundulula kulenkungu esikhungethe thina sizwe esimnyama.

Ngize ngaxoxa nalensizwa esindisiwe ebesihamba nayo yathinta lendaba engihlale ngiyisho yokulobola ngezinkomo eziyishumi nanye.

Kahle-hle kwankomo lezo eziyishumi nanye zahlonzwa ngumlungu uTheophelus Shepstone owaduma ngelikaSomtsewu.

Uye owatha ngemikhakha ukuthi indodakazi yomnumzane iyileli nani, eyenduna ilelinani, eyenkosi neSilo njalo-njalo!

USomtsewu ndini lo kwakuyibhuni elalikhuluma izilimu eziningi zesiNtu kubalwa nesiZulu.

YiloSomtsewu owayengamele iNatali kudala ikakhulukazi kwaNdabazabantu.

Miningi imithetho ayifaka ngo-dli kumaZulu nelandelwayo kakhulu namhlanje yisizwe samaZulu kubalwa nalomhlola wokulobola ngezinkomo eziyishumi nanye.

Kuthiwa into eyamphambanisa nemvula ukuthi wayesefuna naye ukukhulekelwa njengeSilo sakwaZulu.

Kuvele kuthi angikhale izinyembezi uma ngicabanga ukuthi abantu namhlanje bayathunukala uma ubabuza ukuthi niyazazi yini lezinkomo enilobolisa ngazo ukuthi zisukaphi bese bethi “usiko lwesiZulu”…kuphi khona? Vele-ke ngeke sakhala kuJehova benoJesu ngoba nabo engathi mahlophe, siyokhala kubani? Okwabonwa umuntu omnyama emhlabeni, ey madoda!

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

6 myths about male cancer
Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.