IMEYA yomkhandlu i-Ray Nkonyeni Municipality inikezela ngezinsiza ezahlukene emiphakathini ngesikhathi ihambela imiphakathi eyahlu- kene njengohlelo le-IDP Road shows.
Lama-Roadshows aqala mhla ka-9 kuyo le nyanga aphela mhla ka-20 ngolwesihlanu oledlule.
Njengenjwayelo naseminyakeni eyedlule umkhandlu usujwayele ukunikezela izakhiwo okuyindlela yokuthuthukisa izimpilo zabantu.
UMeya uNKK Nomusa Mqwebu waqala ngokunikeza umphakathi waKwaNzimakwe ibhuloho nomgwaqo obizwa ngokuthi uMatolweni Road obe yimali engano R2, 8million kanti olethe amathuba emisebenzi abalelwa kwayi-20.
Emvutshini escgemeni 29 uMeya unikezele nge Mbili Gcabashe Bridge ekuyibhuloho elisezingeni eliphezulu elibize R2,5 million.
Ebhethani khona kunikezelwe nge-Betania Sport field iCombo Court kanye neholo lo mphakathi elibizwa nge-Bosiki Community Hall nayo ebize R2, 8Million.
UNkk Mqwebu unxuse abemiphakathi ukuthi baziphathe kahle lezinsiza baqinisekise ukuthi azilinyazwa.
Kuningi okunye okunikezeliwe kanti abemiphakathi nobuholi bathe bayabonga kuMeya.