Kunikezwe abafundi basoGu imifundaze

2016-02-04 06:00
Isithombe: precious gumede Izikhulu zakwaMasipala wasoGu, abafundi nabazali bejabulela imfundaze engama-21 abayinikelelwe uMasipala wasoGu.

Isithombe: precious gumede Izikhulu zakwaMasipala wasoGu, abafundi nabazali bejabulela imfundaze engama-21 abayinikelelwe uMasipala wasoGu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMASIPALA wasoGu unikeze abafundi abanga-21 imifundaze emhlanganweni obuse hholo lase St Martins De Porres ngeledlule.

Laba abathole imifundaze bebefunda umatikuletsheni ngonyaka odlule.

Umfundi ngamunye unikezwe isheke lika-R10 000 lokukhokha imali yokubhalisa emakoliji nokwenza nezidingo ezihlukahlukene kubalwa izincwadi.

UMeya wasoGwini uNkk Ntombifikile Gumede uthe abafundi ngeke bekwazi ukuya ebhange bashintshe lama sheke kepha bazowathatha bawayise kulawo makoliji nama nyuvesi ababhalise kuwona.

Uthe: “Umfundi ngamunye simunikeza u-R10 000, siyazi ukuthi imali yokubhalisa ayifani, kwezinye izindawo iqala ku-R2000 kuya ku-R3 000. Lokhu kuya ngezifundo umfundi azibhalisele. Kulo R10 000 kuzosala ushintshi wokuthi umfundi athole izincwadi, ngoba akusizi ukuthi sinike izingane imali yokubhalisa kuphela bese ziba nenkinga yokuthi bengabinayo imali yokuthenga izincwadi,” kusho uNkk Gumede.

Uthe uma abafundi sebeqalile ngezifundo zabo emakoliji kumele bazi ukuthi umasipala uzolandelela ukuthi benza kanjani ezifundweni zabo.

Uthe: “Njengoba sinixhase ngale mali asisho ukuthi umuntu akafike esikoleni akhohlwe ukuthi uzokwenzani, kepha umuntu akakhumbule ukuthi uyofunda ukuze akwazi ukubuyela ekhaya esegogodile athole umsebenzi,” kusho yena.

Okhulumele intsha yasoGwini uMnuz Sbusiso Danca uthe abafundi abakhethe izifundo ezizolekelela ekutheni bethole imisebenzi ngokushesha.

“Njengoba niyofunda nje niqinisekise ukuthi anenzi izifundo ezenziwa yiwonke muntu ngoba lokho kungaholela ekutheni ugcine usungawutholi umsebenzi ngokushesha. Kumele nenze izifundo zamakhono adingekayo emphakathini ukuze kube lula ukuthi uthole umsebenzi,” kusho uMnuz Danca.

Abafundi bakhombise injabule ngesikhathi benikwa amasheke. Okhulumele abafundi uAndisiwe Kotyana uthe babonga kuMeya nabakwa masipala ngalolu xhaso.

“Sithanda ukubonga kunina nonke enibe yingxenye yalolu hlelo, njengabafundi nisinikile isinkwa sethu, kusele kuthina ukuba sifike emanyuvesi sizimisele sizazi ukuthi sifunani ukuze siphumelele, ngiyabonga, “ kusho uAndisiwe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.