Kuqaliwe ukuhlolwa kwabafundi

2018-11-01 06:02

NJENGALOKHU sekuyisikhathi sokubhalwa kwezivivinyo zikamatikuletsheni, abafundi abaningi baba nengcindezi njengoba bebhala isikhathi esingangenyanga yonke. Kanti labo abasuke bekade bezama ukulungisa izifundo kubona kuba nzima kakhulu.

Abafundi ababhalayo sebenxuswe ukuthi bangatatazeli kodwa babeke umoya phansi bafunde yonke imibuzo bese bephendula.

UMnuz Thamsanqa Ngwane, oyinhloko ophikweni olulekelela abafundi abalungisa izifundo zabo nasebehlale emakhaya isikhathi eside bengawuboni umbombo kathisha uthe kubalulekile ukuhlela umsebenzi uphinde ubuyekeze.

“Kumele umfundi azinike isikhathi ahlele izinto, ahlele isikhathi sokubhala. Hlala kulezi zinto ezizophuma ugxile kakhulu kuzona,” kusho uNgwane.

Uthe uma ufika endaweni yokubhala kumele uzinike isikhathi esanele sokuba uphumule wenzele ukuba wehlise ukuthuka.

“Ungahlali kuze kuse ngaphambi kokubhala, zinike isikhathi sokuphumula. Uma uzikhandla kakhulu umzimba uzokhathala bese ungakwazi ukubuyisa lokhu obukufunda.”

Ucebise ngokuthi kumele baphuze amanzi, bazivocavoce kanti badle ukudla okunomsoco.

Uthe bangazikhathazi ngephepha eselibhaliwe ngoba akukho abasangakwenza ngalo okunalokho abagxila kulawo abasazowabhala.

UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, unxuse othisha ukuthi babuyekezise abafundi amaphepha angakabhalwa kuze kuphothulwe ukubhala.

“Othisha abahlale bebuyekezisa abafundi kuze kubhalwe iphepha lokugcina.

Abafundi abangatatazeli uma sebebhala ukuze bakhumbule konke abebekufunda.” Ube esenxusa abazali ukuthi baseke kakhulu abafundi ngalesi sikhathi ngoba ilokho abakudingayo.

Okhulumela iSadtu, uNksz Nomusa Cembi, unxuse umphakathi ukuthi weseke abafundi ngoba basuke bethukile.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.