Kusungulwe iqembu elisha

2017-08-17 06:01
ISITHOMBE: thami ka-nkosiUmholi weqembu elisha lezepolitiki iNational Religious Freedom Party (NRFP) uWilson Ngcobo kanye nendodakazi yakhe uBusisiwe Ngcobo

ISITHOMBE: thami ka-nkosiUmholi weqembu elisha lezepolitiki iNational Religious Freedom Party (NRFP) uWilson Ngcobo kanye nendodakazi yakhe uBusisiwe Ngcobo

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBUKEKA sengathi amaqembu ezepolitiki azothanda ukwanda ohlwini lamaqembu okuyiwona azovotelwa uma sekuyiwa okhethweni lukazwelonke ngonyaka wama-2019.

Lokhu kulandela ukusungulwa kweqembu elisha lezepolitiki lapha kwelasoGwini. Leliqembu elizibiza ngeNational Religious Freedom Party (NRFP) lisungulwe laphinde lashicilelwa kwabenhlangano eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission nguWilson Ngcobo ongowokuzalwa endaweni yasoPhongolo eSt faith’s.

UNgcobo ebethula leliqembu lakhe ebhilidini eliseduzane kwaseTaj Hotel ngoLwesihlanu nalapho ayehlangene khona namanye amalunga alo.

Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe, uveze ukuthi into yokuqala abazoyilwela njengeqembu elisha ukuba kubuyiswe isigwebo sentambo ukuze kunciphe amazinga obugebengu abonakala ethanda kuba phezulu.

“Angeke ungitshele ukuthi umuntu odlwengulayo uyaphila futhi usangahlumeleliseka isimilo. Ngisho nebhayibheli liyasho ukuthi uma kumele kubulawe oyedwa kuze kusinde iningi makube njalo,” kuchaza uNgcobo.

Uthi beyiqembu abagudluki kwelokuthi umuntu obulele naye abulawe ngoba ukuphela kwento eyokwenza abantu basabe ukuzibandakanya nezenzo zenkohlakalo.

UNgcobo waqala eyilunga leNkatha Freedom Party kwathi ngonyaka wama-2004 wajoyina eleDA. Waba ngungqongqoshe wezezindlu esifundazweni waKwaZulu Natal, emuva kwalokho waba ilunga leqembu le-ANC ephalamende likazwelonke ngesikhathi kuvuleka iwindi lokujomba nezihlalo.

Uthi iqembu elibusayo liyahluleka ukuthola imbangela yobugebengu kanti iyona into efunakalayo. Kumele kuqale kutholwe umongo nokuyimbangela yabo ubugebengu kungavele nje kuthiwe kulwisanwa nabo kodwa into ibe ingabhekwanga lapho isisusa sayo.

Uthi enye inhloso abanayo ngukuthi bashintshe ikomkhulu lephalamende lesifunda lingabe lisaba semgungundlovu kodwa libe soLundi lapho lalivele likhona.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.