Kuvulwe indawo yokulanda imishanguzo

2018-11-22 06:00

BALINGANISELWA kwizigidi ezingu 1,7 abantu KwaZulu Natali asebelanda imishanguzo yabo eduze nasemakhaya abo, ngaphandle kokuchitha Imali begibela amatekisi kumbe bavuke ezintatha ukuze babe ngabokuqala kulayini wokuthola imishanguzo.

Kubongwa uhlelo lweCentral Chronic Medicine Dispensation and Distribution (CCMDD)futhi ziningi izakhamuzi zaKwaZulu Natali ngokunamathela ekuthatheni imishanguzo yabo yezifo ezingumahlalekhona, ngoba izibhedlalela nemtholampilo ayigcwali ngenjakuqala kodwa sekwehile.

Lokhu kuvele ngoLwesihlanu lapho uNgqongqoshe wezeMpilo, uDokotela Sibongeni Dlomo evula ngokusemthethweni imitholampilo yaso-Ombimbini naKaHhewulana abangaphansi kwamasipala wasoLundi.

Selokhu kwaqalwa loluhlelo lweCCMDD ngonyaka ka-2014, izindawo ezilinganiselwa ku-4557 zokulanda amaphilisi abagula kakhulu sezabekwa kwelaKwaZulu Natali.

UNgqongoshe uthe bajabule kakhulu ngokuphumelela kwaloluhlelo.

“Lento ichaza ukuthi abantu bakithi abanezifo ezehlukene, okubalelwa ushukela, isifo samathambo kumbe isandlulela ngculazi, sebeya kanye ezinyangeni ezintathu etholampilo ukuyolanda imishanguzo yabo,” kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.