Kuvundululwe inkukhu, amakhandlela namareza abegqitshiwe

2018-08-09 06:00

UMPHAKATHI waseMvutshini uthi usashaqekile ngesenzo sikamakhelwane oobize izangoma ukuba zizogqiba izinkukhu, ama-raizor namakhandlela endleleni esetshenziswa umphakathi.

UZefaniya Ndovela uthi esisegameko saqala ngoLwesihlanu laphokwabonakala khona izangoma zibethela endleleni, kwathi uma kubuzwa kumakhelwane ukuthi kwenzakalani wabatshela ukuthi bebegeza ngamazi olwandle nje kuphela.

Uthe ngoMsombuluko kwabonakala ukuthi bekumbiwe nokwenza bathathe isinqumo sokuba kumbulwe lokhu okwakugqitshiwe.

Uthe: “Ngesikhathi kumbulwa kwavele kwaphuma inkukhu egqitshiwe, amakhandlela nama-raizor esingazi ukuthi abegqitshelwani, okubuhlungu ngukuthi lezi zinto zimbelwe endleleni engihamba kuyona mina nomndeni wami,”kusho uMnuz Ndovela.

Ekhuluma nephephandaba uthe lesi isenzo esibi kakhulu njengoba sikhombisa ukuthi abahloniphani bengomakhelwane.

Ngesikhathi kumbulwa kuthiwa bekukhona nelinye ilungu lomndeni lalabo abagqiba endleleni.

“Lona obekhona akahlangene futhi uzihlangulile wathi yena ubengeyona igxenye yokuthi kugqitshwe lezi zinto kodwa ngomunye udadewabo ohlala eThekwini.”

“Ayilungile lento yokuthi umuntu esuke lapho esuka khona azosigilela imikhuba engalungile endaweni yethu

“Induna yesigodi uLanga ebuzwa ngaloludaba uthi uzifikele mathupha waya kobona lomhlola.

“Kuzomele kubekhona izinyathelo ezithathelwa lona owenze lesisenzo ngoba lokhu akwamukelekile neze, futhi kungagcina sekuxabanisa omakhelwane.

“Nathi sishaqekile impela ngalesisenzo ngoba sikhombisa okukhulu ukunga hloniphani kanye nendelelo,”kubeka induna.

Ithe loludaba luzodluliselwa komkhulu ukuze libhekwe khona bese kuthathwa izinyathelo ezifanele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.