Kuvuvukale izithende kushaywa ingoma

2018-10-04 06:00
Abashayi bengoma (kwesobunxele ngasemuva)Uvusumlenze,Selby Shezi, Phuzekhemisi Nyonemhlaphe, Nyunyu, Zandile kanye noTshengisilebezintombi zakwaMngomaPHOTO: thami ka-nkosi

Abashayi bengoma (kwesobunxele ngasemuva)Uvusumlenze,Selby Shezi, Phuzekhemisi Nyonemhlaphe, Nyunyu, Zandile kanye noTshengisilebezintombi zakwaMngomaPHOTO: thami ka-nkosi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ZIGADULISANE ngengoma kwashikisha ufudu ngesikhathi kunendumezulu yomcimbi kamaskandi obubanjelwe e-Ugu Sport and leisure centre ngoMgqibelo.

Lomcimbi obuhlelwe ngumculi wekwaito uMkhonzi ‘Proffesor’ Langa nocishe wonakala njengalokhu isimo sezulu kade sithanda ukungabi sihle kodwa abathandi bona bathe phinde baphuma ngobuningi ukuzothamela nokuzobona abaculi ezibathandayo beshaya into ecokeme.

UPhuzekhemisi umangaze abaningi njengalokhu eqhamuke nesilomo saseLower South Coast uMorning Shezi obeshaya idilamu elibizwa ngegongo nongene esiteji kwahlokoma inkundla.

Abantu abaningi abawuvali umlomo ngendlela lomcimbi obuhlelwe ngayo kanti abaningi bathi sekuyomele kube ngumcimbi ohlelwa minyaka yonke ukuze bathokozele umculo wabo wesintu.

Ngokusho komhleli walomcimbi uProffesor oqale ngokubonga kakhulu umasipala waseRay Nkonyeni ngokuxhasa lomcimbi washo ukuthi ubungeke ube impumelelo ukuba umkhandludolobha awuzange ukhombise intshisekelo yokuwuxhasa njengalokhu bekusabungazwa inyanga yamagugu namasiko. Ukhuzani naye akabaphoxanga abalandeli bakhe abebesuka ezinkalweni eziningi njengalokhu engene esiteji wajikijela unyawo kwachwaza izihlwele.

Nezintokazi zakaMngoma nazo zishaye into ecokeme kakhulu. Lendumezulu yomcimbi ivule ngeqembu lomculo wokholo i-Avante ebesekunesikhathi yagcina ukubonakala emuva koku- ba belilokhane lilahlekelwa ngabayingxenye yalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.