Kuxoxwe ngezindaba zabesifazane

2018-08-30 06:00
Lapha bathathwe ngesikhathi bengena esidlweni sakusihlwa oMfundisi Hankok kanye no Ntombikayise Ntobela IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

Lapha bathathwe ngesikhathi bengena esidlweni sakusihlwa oMfundisi Hankok kanye no Ntombikayise Ntobela IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NJENGALOKHU inyanga yabantu besifazane ingakafinyeleli esiphelweni abantu besifazane abangaphansi kwe-Ezinqoleni Masakhisane Women Society bahlanganyele ndawonye ngoMgqibelo owedlule nalapho babezitomota ngesidlo santambama baphinde baxoxisanana ngezinkinga ezibhekene nabo uqobo.

Lomcimbi obewubanjwe okukuqala nokulindeleke ukuba ugujwe minyaka yonke ububanjelwe esontweni i-Evangelical kanti ubuhanjelwe izikhulumi ezahlukene okuhlanganisa abaqhamuka kwezomthetho kanye nezinhlaka ezimele ukuthuthukiswa kwabesifazane.

Isikhulumi ebesiqhamuka emaphoyiseni ekhuluma kulomcimbi uthe iNingizimu Afrika igubazelwe ifu elimunyama lokuhlukunyezwa kwabesifazane emakhaya kanti abanye bagcina sebelahlekelwe nayizimpilo zabo ngenxa nje yokuthi bafela ngaphakathi.

Uveze ukuthi manje sekuyisikhathi sokuba abantu besifazane bayeke ukufela ngaphakathi kodwa baphume bafune usizo futhi baye emaphoyiseni uma kungukuthi bazithola bebhekene nengcindezi yokuhlukumezeka emakhaya.

“Kumele uma kungukuthi uyazibona uyahlukumezeka ungumuntu wesifazane usheshe uphume ungalokhane uhleli ngoba lokho ungagcina sewulahlekelwa nayimpilo yakho kanti ebeyikade ingagwemeka,” kuchaza uNkz Hadebe.

UMsunguli walenhlanganisela yabesifazane uNtombikayise Ntobela utshele omama ngenhloso abayibekelwe kanye nokuthi kubalulekile ukuthi bakwazi ukulekelelana ngokukhulisana ikakhulukazi emabhizinisini kanye nangokwezikamoya.

Uthe inkinga enkulu ngukuthi abantu besifazane bahlala njalo bebukeleka phansi kanti nabo bayakwenza ukuthi bagcine bebukelwa phansi ngoba ibona kuqala abanganikani ithemba Kanye nokufukulana.

“Kubalulekile futhi ukuthi singabantu besifazane sazi ukuthi likhulu iqhaza esingalidlala ekufukuleni umnotho wakulesi sifunda sethu singagcini nje kuphela ngokulindela nokukhangeza kuhulumeni osanemadodeni,” kusho yena.

Unkz Ntobela uphinde wahlaba ikhwelo elibhekise kuhulumeni ukuba aqinisekise ukuthi abantu besifazane bahlala njalo bevikelekile njengalokhu kubonakala kulokhu kuqhubekile ukudlwengulwa kwabo ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni zasemakhaya.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.