Kuxwayiswa abamathenda

2017-09-28 06:00

AMAPHOYISA esifundazweni saKwaZulu-Natal aphansi phezulu athungatha abasolwa abaqola abanikazi bamathenda ngokubathembisa imisebenzi engekho.

Abakwasidlodlo baxwayisa bonke abanezinkampani zamathenda ngezigilamkhuba ezike zizenze abasebenzi bakahulumeni babethembise amathenda bese bebayalela ukuthi imali eyifakwe ephaketheni elivuzayo.

Amaphoyisa ngomlomo kakaputeni Gwala athi kumele umphakathi ukwazi ukuthi amathenda atholakala ngokuba umuntu abe sohlwini lokuthola lowomsebenzi futhi ayakhangiswa akavele aqhamuke emoyeni nje.

Izigebengu kuthiwa zisebenzisa izitembu zeminyango kahulumeni ukuqola usomabhizinisi.

“Usomabhizinisi uzothola incwadi kuthiwe iphuma emnyangweni usezihlomulele ithenda bese etshelwa ukuba makaye kothenga okuthile enkampanini ehlonzwa izona izinswela kube ngukuthi umnikazi webhizinisi uhlukana cishe nemali engangama-100 000 kuya kuma-400 000 wamarandi,”kusho uKaputeni Gwala

Uthi-ke lezizigebengu zike zilandelele zifune enye inkokhelo cishe izihlandla ezintathu nokuyilapho kuba imanxa kuba khona ukusola koqolwayo bese eyalandelela emnyangweni lowo othintekayo.

Bese eyathola ukuthi ubeshaywa mgemfe iphindiwe

Uma kukhona ohlangana nalohku uyacelwa ukuba axhumane namaphoyisa enombolweni ethi 08600 10111. - Luthunyelwe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.