Kuxwayiswa umphakathi ngokubalahlekisela imali

2018-12-27 06:00

>>cherronntando@gmail.com

AMAPHOYISA asesiteshini saseMargate axwayisa amalungu omphakathi wazozonke izindawo ezakhelene nalesisiteshi ngabantu abaqhuba umkhuba wokuthinta abantu ngokuthize emagxalabeni bese beshaya bechitha nakokonke abanako.

Usomlomo wamaphoyisa, uSayitsheni Sibu Ncane uthe yize lingekho icala eselike lavulwa, sebebaningi abantu asebefikile emaphoyiseni bezokhalaza ngezigameko eziphathelana nokuthi kukhona abantu emadolobheni abathinta abanye emagxalabeni ngento abayichaza ukuthi imnyama ebese beyahamba.

Uqhube ngokuthi kubese kufika uzakwabo enza engathi uyakusiza ekutshela ukuthi lento othintwe ngayo izokwenza yonke imali yakho esebhange inyamalale, kumele niphuthume esiteshini samaphoyisa.

“Oseke wasibika isigameko wathi bamufaka emotweni bamusa kwelinye lamabhange khona kulamadolobha ethu, bamtshela ukuthi akakhiphe imali ebhange ebese eyifaka emvalaphini,” kuchaza uSaytsheni.

Uphinde wathi: “Okhonondile, uthe eseyivula imvalaphi, bekungekho mali; ibigcwele amaphepha eLotto.”

USayitsheni uthe abantu kumele bagweme ukukhuluma nokuthintwa abantu abanga- bazi.

“Meke nje kwabakhona into ongayiboni kahle, shayela amaphoyisa.

Noma kuthiwa usola engathi khona abazama ukwenza okunje kuwena, phuthuma esiteshini esiseduze nawe,” kusho uSayitsheni.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.