Kuxwayiswa umphakathi ngokuphepha

2019-01-17 06:02

AMAPHOYISA asekhiphe isexwayiso esibhekisa kumalungu omphakathi aseGamalakhe ngokugqekezwa kwamaPost Office. Lokhu kulandela isigameko sokugqekezwa kwePosi laseGamalakhe mhlaka 2 kuMasingana.

Ophethe isiteshi samaphoyisa saseGamalakhe uKapteni Welcome Shusha uxwayise umphakathi ukuthi uzame eminye imizamo ephephile yokusebenzisa iPosi.

“Sinxusa kakhulukazi izalukazi ngoba yizona ezihola ngePosi ukuthi ziqaphele uma ziyokhipha imali ePosini. Kuyaye kube nezigameko zokuthi izaguga zithi zizohola imali yazo yokuguga, zifike zihlukumezeke uma sezingayitholi ngenxa yobugebengu,” kusho uShusha.

Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Sibu Ncane wayeseke wawaxwayisa amalungu omphakathi ngezimo eziyaye zifane nalesi.

Ziningi izigameko okusolwa ukuthi zilahlekisela ngemali njengalesi sokuthintwa kwabantu ngokuthize emagxalabeni bese izigilamkhuba zishaya zichithe nakokonke abanako.

“Sebebaningi abantu asebefikile emaphoyiseni bezokhalaza ngezigameko eziphathelene nokulahleka kwemali ngale ndlela. Yikho sibona kubalulekile ukuthi siwuxwayise umphakathi ngezinto ezingase zibafake engozini.

“Umuntu obona into angiyithembi kahle, siyanxusa ukuthi athinte amaphoyisa. Osola sengathi unombolwe yizigebengu, sicela aphuthume esiteshini esiseduze naye,” kusho uNcane.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.