Kuyaqhubeka ukuqashiswa kwezindlu zomxhaso

2018-09-06 06:00

UMASIPALA waseRay Nkonyeni usugxeke kakhulu ukuqashiswa kwezindlu zomxhaso (RDP) njengalokhu kubonakala kusaqhubeka kakhulu ezindaweni eziningi ezakhele lomkhandlu. Lokhu kuvele ngesikhathi kubanjwe isithangami sabezindaba ngoLwesibili olwedlule, nalapho kwabe kubuzwa ngokuba kuzoqedwa nini ukwakhiwa kwezindlu zakwaMasinenge okubonakala kuhamba kancane ukuqedwa kwazo.

Umphathi wamasipala uMnuz Max Mbili uthe sekusele kancane ukuba ziqedwe ukwakhiwa izindlu zakwaMasinenge kodwa kusalindwe ukuba kuqokwe usonkontileka ozoqedela umsebenzi njengalokhu lowo owabe ekhona wamiswa ngezizathu zokungawenzi kahle umsebinzi ayeqashelwe wona.

Uthe inkinga umasipala obhekene nayo ngohlelo lokuqedwa kwemikhukhu ngabantu abafike banikezelwe ngezindlu bese bona beyazishiya baqashise ngazo baphinde bagxumeke eminye futhi imikhukhu.

“Silwa nokuqeda imikhukhu, iningi lalabantu uhulumeni abakhela izindlu kwakube khona isikhalo sokuthi basuka ezindaweni zabo ngoba bebalekela izimpi zepolitiki, manje lezozimpi azisekho ngakho asisekho futhi nesidingo sokuba kwakhiwe eminye imikhukhu,”kuchaza uMnuz Mbili.

Umeya wamasipala UCynthia Mqwebu naye ushayelele esakhe isipikili ngokuthi kukhona abantu abake banikezelwe ngezindlu emuva kwesikhathi base bebonakala sebethi abafuni ukuhlala kuzona ngenxa yokuthi zikude nabangani babo.

Izindawo okuyizona ezihamba phambili ngokuqashiswa kwezindlu zomemixhaso kahulumeni iKwamasinenge, Mkholombe kanye nase Louisiana.

Ngokwemithombo kuthiwa abantu bakhokha cishe imali engama-R500 kuya ku-600 .

Kuthiwa abanye balabantu abaqashiza ngezindlu zomxhaso basuke benzela ukuthi bathole imali ethe xaxa bona bebe behlala kwezinye izindawo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.