Kuyaqhubeka ukwebiwa kukagesi

2018-07-19 06:02

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UDABA lokuntshontshwa kukagesi ezindaweni ezakhele iBoboyi,iMurchison naseMkholombe lubonakala lusekude ukulungiswa

Lokhu kuvele ngesikhathi amalungu omphakathi esezwakalise ukungagculiseki ngendlela ugesi ohamba ngayo kulezi ndawo ikakhulukazi lawo asawubambile umthetho wokukhokhela ugesi nokuthenga amakhadi kagesi.

Amalungu omphakathi athe sekuseduze ukuba ahlele izingxoxo nobuholi bukamasipala nenkampani kagesi i-Eskom ukuze kutholakale isisombululo mayelana nodaba lwabantu abaxhume ugesi ngokungekho emthethweni nalabo abangawakhokheli amakhadi kagesi.

Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa elihlala eBoboyi liveze ukuthi kukhona abantu abaningi abanemiqasho kule ndawo, f uthi banoxhaxha lwezindlu okusolakala ukuthi ugesi abawukhokheli nhlobo.

Kweminye imizi kutholakale ukuthi yizona iziqashi ezixhume ugesi ngokungemthetho nokwenza ugesi ugcine sewudonsa kanzima.

“Iyasikhathaza kakhulu lendaba yalabantu abangawukhokheli ugesi ngoba thina esiwukhokhelayo sigcina sesifaka ikhadi likagesi eliphela kungakafiki isikhathi kanti ilaba abacuphe izigubhu zika gesi bebe beshaya ngoxhaxha lwezindlu zemixhaso,”kusho lelilungu lomphakathi.

Elinye lithe ngaphambilini inkampani ephakela ngogesi yayike ikwazi ukuhamba igqigqe imizi ibheka ukuthi ngabe abantu basawukhokhela yini ugesi kodwa lokho kubonakala kungasenzeki.

“Sekuphele izinsuku cishe ezinhlanu ugesi singenawo kodwa uma sithi sijikela kwabakwa Eskom singalutholi usizo, kunalokho kwafika omunye wangitshela ukuthi kukhona izintambo eziya kweminye imizi ezixhunywe esigujini ngokungafanele, lokho kwenza amandla kagesi agcine engasahambi kahle.”

Elinye ilungu lithe njengoba kuyisikhathi sasebusika kuba nzima kakhulu ngoba abanye abantu besebenzisa ugesi ngokweqile, ngisho izifudumezi zokudla kube nzima ukuthi zisebenze.

Abenkampani ephakela ugesi abatholakalanga ukuba bephawule ngesikhathi sokushicilela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.