Kuzohlangana izingwazi zomasikandi

2018-09-27 06:00
IZITHOMBE: ZITHUNYELWEUmfana waphesheya koThukela uKhuzani uyobe naye eshaya imicu yakhe adume ngayo ngoMgqibelo.

IZITHOMBE: ZITHUNYELWEUmfana waphesheya koThukela uKhuzani uyobe naye eshaya imicu yakhe adume ngayo ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KULINDELEKE ukuba kudabuke imbadada kunqamuke intambo kalidi kunswininize inkositini ngempelasonto njengoba kuzobe kuhlangene izinkunzi zomasikandi emcimbini waminyaka yonke ozobe ubanjelwe e-Ugu Sport and Leisure Centre ngoMgqibelo. Lo mcimbi uzobe ubophele izingwazi zikamasikadi okuhlanganisa kuzona uPhuzekhemisi, iChwane lebhaca, uKhuzani, iGcokama Elisha, uShwi Nomntekhala, Amageza amahle, uQhosha DSD Osaziwayo,uMbuzeni, iThwasa Lekhansela, uBuselaphi, uThokozani Langa, iNyoni Emhlophe, Imbongolo kanye nosaziwayo bomculo wekwaito okubalwa kubona uProffessor Langa, uCharacter, iMalini kanye nabanye abaningi.

Lo mcimbi uyobe ubanjwe esiteji nguMdonso noZimdola ongungabasakazi boKhozi FM. Amasango ayovulwa ngehora le-9 ekuseni, ngokusho komhleli womcimbi uProffesor Langa.

“Masisho ukuthi amavuvuzela angeke ashaywe ngaphakathi ngoba sibalekela ukuthi kubekhona abaculi abangeke bakwazi ukuthola ithuba,” kusho yena. Uthe nezokuphepha zizobe ziqiniswe kakhulu kulo mcimbi kanti amabhodlela azobe engavumelekile ngaphakathi ezinkundleli zemidlalo.

Uthe amathikithi ayobe etholakala esangweni ngemali engama-R100 kuwonkewonke, bese kuthi awezicukuthwane wona abize imali engana-R350.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.