Lide ibanga esisazolihamba

2016-07-28 06:00

ISIKHATHI sethu thina njengamakhansela akhethwa ngo 2011 sesifike esiphethweni. Ngenyanga ezayo mhlaka 3 August wonke umuntu uyazi ukuthi siya okhethweni. Kuzovotelwa ohulumeni basekhaya. Ngethemba ukuthi nasabela ikhwelo lethu lokuthi abantu abaye kobhalisela ukuvota.

Sengixoxa nani okokugcina njengoMeya kaMasipala waseMzumbe. Ngithanda ukuthi ngisho ukuthi lide ibanga esesilihambile futhi lide esisazolihamba. Lo masipala ukhombisa ukuba ingane ekhula kahle. Loko kubonakala ngokukhula kwesibalo sezimoto zawo lomasipala, ukukhula kwesibalo sogandaganda esilungisa ngabo imigwaqo yethu, nokukhula kwesibalo sabasebenzi nezinye izinto eziningi. Kulozo zinto sifaka phakathi ukukhula kwendlela esisebenza ngayo uma kwakhiwa imigwaqo nayoyonke intuthuko eza emiphakathini. Ingqalasizinda yethu isezingeni eliphezulu kakhulu. Ukufakelwa kukagesi emiphakathini ekubalwa kwaMgayi, Cabhane, Nyavini, Hlokozi, nezinye kukhula ngesivinini esikhulu.

Sinemigwaqo abantu ababengakaze bacabange ukuthi iyoke ibe khona. Lapho ngibala uVethe Access Road kwa Ward 6, Ntatshana Access road kwa Ward 8 ukwakhiwa kwe Nkanini Indoor Sports Centre kwa ward 18 nokunye okuningi. Kuningi engikubonile ngihlezi esihlalweni sikaMeya kulendawo. Bekuba injabulo enkulu kakhulu kimina njengoMeya ukuxhumana nemiphakathi emgwaqeni, ezimbizweni, emihlanganweni yemiphakathi, isemisakazweni ebesiyisebenzisa Kanye nalapha kuleliphepha. Imiyalezo yenu iyona le ebeyenza ukuthi siqhubezele phambili izimpilo zenu miphakathi. Njengoba sisaqhubezela izimpilo zenu loko kuxhumana nathi enikwenzayo kuyizinkomba ezazithi impela uhulumeni usezandleni zenu. Nisithume ezindaweni eziningi sahamba saze safika. Lapho singakafiki khona, laba abeza emva kwami bazofika baqhubeke benze konke ukuqhubezele izimpilo zenu phambili.

Umzumbe Municipality sesiwutshintshe kakhulu kunaloko okade iwuwona phambilini. Ukuthola kwethu ama clean audits iminyaka emibili ilandelana loko kukhombisa ukuzikhandla kwethu nokucophelela ekuphatheni izimali. Okungijabulise kakhulu ukuchonywa uphaphe legwalagwala ukuthi singuMasipala omncane osebenza kahle kakhulu kwaZulu Natali. Loko kukhomba ukuzikhandla kwethu njengobuholi baloMasipala.

Ngithanda ukubonga bonke ebesisebenzisana nabo kuloMasipala uSekela Meya Cllr Nompilo Mweshe, uSomlomo Cllr Sizwe Ngcobo, Municipal Manager Ms Nokuthula Mgijima nabasebenzi bonke bakwaMasipala. Ngibonge umndeni wami ngokungeseka njalo ikakhulukazi uMama wakwami uMaKhuse. Bese ngibonga inhlangano African National Congress ngokungithemba ukuthi ngingahola kahle kuloMasipala. Ngibonge African National Congress Umzumbe Subregion ngokungeseka kakhulu ngasosonke isikhathi ukuze kuqhutshwe intuthuko.

Okokugcina ngibhalela lengosi njengoMeya, nginifisela konke okuhle. Niphume ngobuningi benu ngolwesithathu oluzayo niyovota, nivote kahle. Novitele intuthuko ezoniqhubezela phambili njengomphakathi.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.