Likhala ngabasebenzi bomasipala ikhansela

2017-10-05 06:00

AMAKHANSELA amabili akwamasipala waseRay Nkonyeni asekhale ubuqanduqandu ngakubize ngokuqhutshwa kwepolitiki kungafanele.

Amakhansela akusho lokhu ngesikhathi kunomhlangano wamakhansela ngoLwesibili emahhovisi alomkhandu.

Ukhansela wewadi ye-15 uTholokwakhe Zulu uthi abasebenzi bakwmasipala abasaxhumani namakhansela omphakathi kodwa baxhumana namakhansela asuke emele iqembu lezepolitiki.

“Iyasikhathaza lento, njengalokhu kade kuhlasele isibhicongo sezimvula ezinamandla nje abasebenzi bebevele bazihlanganyele nalabo abangamakhansela amele amaqembu bangezi kithini, lokho thina sikubona kuyinto yepolitiki nje kuphela,” kusho uZulu

Akubanga ilona lodwa lelikhansela njengalokhu kuphinde kwazwakala esikhulu isikhalo ebesisuka kuNcedani Nyuleka otshele umphathi wakwamasipala ukuthi kwesinye isikhathi uthatha izinto azivalele ngaphansi kwamata isidingo singekho.

“Kumele ikhulunywe lento ngoba iyasikhathaza ukuthi yenzeka kanjani ukuthi kungaxhunyanwa nathi,” kusho uNyuleka.

Uthe ethi uzama ukuba loludaba likhulunyelwe ngaphandle umphathi wamasipala uMaxwell Mbili kwabanhlanga zimuka nomoya njengalokhu kuzwakale uZulu ethi: “Noted MM kodwa kubuhlungu”.

Namanye amakhansela angazanga alibeke loludaba esidlangalaleni kodwa kuzwakale esekhuluma inguyazana ethi khona izowaqhatha wodwa amakhansela.

Usomlomo wakwamasipala uDokotela Njoko ube eseqinisekisa ukuba loludaba luxoxwa ngumphathi kanye namakhansela athintekayo ngaphakathi kumasipala waseRay Nkonyeni.

- Sithunyelwe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.