Liyakhula ithalente lika DJ Nhlanzeko

2018-05-10 06:01
isithombe: sithunyelweU-DJ Nhlanzeko Mona enza adume ngazo.

isithombe: sithunyelweU-DJ Nhlanzeko Mona enza adume ngazo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USEZAKHELE udumo u-DJ owaziwa ngelika Nhlanzeko wakwaMona eGamalakhe.

Lo-DJ oneminyaka engama-20 uthi uthando lwakhe lo mculo lwaqala ngesikhathi esemncane ebona umfowabo edlala umculo omnandi kwi-computer yakhe.

Uthe umfowabo waye vamise ukudlala umculo ngama-cassette futhi ngaleso sikhathi ayengakabibikho ama-computer, uthi lokho kwamenza awuthande kakhulu umculo.

Uthe: “Ukudlala umculo nokujabulisa abantu ezindaweni zokujuxuza ngakuqala ngisemncane ngo-2013, ngidlala eTop Deck khona la ePort Shepstone.

“Ithalente lami ngalibona likhula ngendlela eyisimanga ngoba ngagcina sengicelwa abanye o-DJ ukuba ngizodlala emicimbini eyahlukene,” kusho uNhlanzeko.

Uthe ukhuliswe ngumama wakhe kanye nodadewabo nomfowabo njengoba ubaba wakhe engasekho emhlabeni.

“Ngesikhathi ngiqala ukudlala ezindaweni ezahlukene bengihamba ekhaya ebusuku ngibuye ezintatha umama wami waye ngathokozi. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wagcina ebonile ukuthi ngine thalente futhi ngithola imali ngaleli thalente lami.”

“Okunye engibona ukuthi kwamenza agcine esevuma uma ngihamba ukuthi uyazi ukuthi nase sikoleni ngangu muntu ophasa kahle.”

UNhlanzeko wafunda amabanga aphansi ezikoleni zaseGamalakhe iSethembinkosi nase Nsimbini, waphothula umatikuletsheni eGamalakhe Commercial High.

Uqhube izifundo zakhe ze-IT e-ICESA ngonyaka odlule. Uthe kulo nyaka uthathe ikhefu ezifundweni zakhe.

Uthe kuningi akufundile kulomkhakha ikakhulukazi ku-DJ Cyril okuyena asebenzisana naye.

“Ngo-2014 ngahlangana no-Cyril Mavundla saqala sasebenzisana. Kuningi kakhulu engikufunde kuyena kanti uma ngingakakulandisa kungaphela nesikhala sokubhala ephepheni.” kusho uNhlanzeko.

Uthe uMavundla uyena omkhuthazayo kepha umndeni wakhe yiwona omsekayo.

“Umama uze abuze ukuthi angiyi yini emcimbini uma engibona ngihlezi ekhaya. Ngiyacabanga ukuthi ubuza ngoba naye uyabona ukuthi khona imali engenayo uma ngenza lomsebenzi wokuba u-DJ.”

“Ngitholakala ezindweni eziningi futhi ngamasonto ngijwayele ukudlala endaweni ebizwa nge-039 Kasified Experience. Senginabalandeli abaningi futhi kuyangijabulisa lokho ngoba ngiyabona ukuthi bayawuthanda umculo engiwudlalayo owaziwa nge-Commercial House neGqom.”

Uma ufuna ukwazi kabanzi ngo DJ Nhlanzeko utholakala kuFacebook njengo NhlanzekoMona, ku-Twitter ku- @nhlanzekomona, ku-WhatsApp enombolweni ethi: 063 851 3417 no-Instagram ku- @nhlanzii_mona. Ungaxhuma naye enombolweni ethi:062 319 0740.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.