Sikhulisa osomabhizinisi abancane

2015-11-26 06:00

UKUNGENA kuka hulumeni wentando yeningi kuvule amathuba amaningi kubantu. Kwenze ukuthi abantu bangene futhi bakhule kumabhizinisi abo. Umgogodla womphakathi inhlalonhle yawo nokubambisana okuhle njalo. Inhlalonhle iyaye idalwe ukuba seduze kwezidingo ezenza impilo ibe lula. Ukuba seduze kwezinto kuyaye kubangwe ukusimama komphakathi nxazonke ikakhulukazi kumabhizinisi. UHulumeni uvule izintuba eziningi zokuthuthukisa osomabhizinisi Kanye nomnotho wesizwe. Bonke ohulumeni basemakhaya baneminyango ebhekene ngqo nokuthuthukiswa kosomabhizinisi abancane.

Nathi singuMasipala waseMzumbe sinezinhlelo ezibhene ngqo nokuthuthukiswa komphakathi. Singenile shi emikhakheni ehlukahlukene yamabhizinisi ukulekelela osomabhizinisi abasafufusa okubalwa abenza imisebenzi yezandla, izingadi, abathunga izingubo, nabanye. Lokho sikwenza ukuze bakwazi ukukhula. Sikwenza sibambisene neminye iminyango kahulumeni okufaka phakathi EDTEA, Cogta, neminye. Ezinyangeni ezedlule kade siqeqesha osonkontileka abasebancane ukuthi bakwazi ukufaka amathange ezindlini zemixhaso. Lokho kusiza ukuthi imiphakathi ihlale inamanzi, ikakhulukazi uma kunezimvula. Izinhlelo zethu zokunikezela ngemisebenzi kumasipala ilawulwa ngendlela enika wonke umuntu amathuba alinganayo. Izinhlelo ezifana neYouth in Business izona ezinika ikakhulukazi abantu abasha abathuba okukhula ebhizinisini futhi bafunde. Siphinde sibe neYouth Business Fair lapho abantu abasha bethola ithuba lokuveza amakhono aba futhi bafunde nakwabanye osomabhizinisi.

Enye yalezindlela zokulekelela ukuthi singuMasipala waseMzumbe sibambe iMzumbe Business Fair 2015 obanjwa minyaka yonke. Kulomcimbi sizobe siqinisa futhi sikhulisa osomabhizinisi abakhele uMasipala waseMzumbe. Kulomcimbi simeme wonke umphakathi, osomabhizinisi, iminyango kahulumeni, osomabhizinisi ababhalisiwe nangabhalisiwe ukuthi bahlangane ukuze kuxoxiswane mayelana nokukhuliswa kwamabhizinisi, izinselelo ababhekene nazo nokunye okuningi.

Esifisa ukukubona ukuthi bonke osomabhizinisi bethu abancane bekhula bezimela bona ngokwabo. Sizobe sineminyango ekubalwa CIPRO, Ugu South Coast Tourism, SEDA, Ithala, Corporate, NAFCOC, Ugu Development Agency, EDTEA, SARS futhi bonke bazobe benikezela ngolwazi khona laphaya. Iminyango ebhalisa amabhizinisi izobe ibhalisela khona laphaya. Oyobe ekhona uyohamba enalo lonke ulwazi lokuqala, ukhulise futhi uphathe ibhizinisi lakho.

Lo mcimbi wethu siwuhlele ukuthi ube seNkanini Sports Ground Ward 18 Umtwalume mhlaka 28 November. Kuzoqalwa ngehora lesishiyagalolunye ekuseni.

Ngolwazi olunzulu ungathintana nomnyango wethu wezokuthuthukiswa kwezomnotho 039 972 0005.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.