Siphezu komkhono

2016-09-01 06:00
Imeya kaMasipala uMzumbe ubaba uCllr Sizwe Ngcobo.

Imeya kaMasipala uMzumbe ubaba uCllr Sizwe Ngcobo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGESONTO eledlule kwahlala amakhansela omkhandlu kaMasipala waseMzumbe okokuqala. Phakathi kwezinhloso zalowo mhlangano kwakungukukhetha ubuholi bukaMasipala waseMzumbe njengoba kwakunokhetho. Kulomhlangano kwakhethwa uSomlomo Cllr Matho Shozi, mina Cllr Sizwe Ngcobo ngakhethwa ngaba uMeya kanye noSekela Meya Cllr Londolo Zungu.

Lo mhlangano wawubalulekile kakhulu ngoba uyisisekelo sazo zonke izinto okumele ziqhutshezelwe phambili ukwenza izimpilo zabantu zibengcono. Muningi umsebenzi osihlalele njengamaKhansela amasha asehola lo mkhandlu. Kwabe sekukhethwa amalunga ekomiti eliphezulu Cllr Mhlengi Luthuli, Cllr Sandile Mdletshe, Cllr Bravo Zamisa, Cllr Busisiwe Luthuli, Cllr Nompilo Mweshe Kanye noCllr Mana Mntambo. Uma sekunje siye sithi inkomo seyiwile, phezu komkhono manje ngokuletha imtuthuko ebantwini. Enkululweni yami yokugcotshwa njengoMeya ngabalula izinto eziningi ekuyizona engizosebenzela phezu kwazo ukuthuthukisa imiphakathi yethu. Phakathi kwezinto engakhuluma ngazo ngabala ukubaluleka kokuthuthukiswa komnotho wethu. Loko kuzosiza ukubhekana ngqo nezinselelo ezintathu ezikhungethe izwe ububha, ukuntuleka kwemisebenzi Kanye nokungalingani kwempilo. Ngokwenza ngokwemiyalelo yecebo eliwumbono obizwa ngeNational Development Plan (NDP) okungumbono esithi ngo nyaka ka 2030 kuyomele izimpilo zabantu zithuthukile kakhulu, lukhulo ushintsho esizolwenza. Sizoqhubezela phambili ukwakha kabusha ulwandle lwasoThuthwini. Lokhu kusohlelweni lwe Turton Beach Establishment esezingeni eliphezulu kakhulu. Sozobhekana ngqo nomnotho osolwandle Ocean Economy ongaphansi kohlelo lwe Operation Pakisa olwethulwa uMongameli Zuma. Uma usuka eHibberdene udlule eMfazazana uzobona abantu bedayisa ngezinhlobonhlobo zezinhlanzi ezitholakala olwandle. Enye yezinkinga evamise ukubakhona ukuthi abanayo imvume yokudoba, abanayo indawo yokudayisela lezizinhlanzi. Sikubona kubalulekile thina njengoMasipala ukuthi sakhe isimo esizokwenza ukuthi bakwazi ukusebenza kahle. Ngakubalula kakhulu futhi ukuthi singuHulumeni ngeke sisebenze sodwa. Kubalulekile ukuthi sisebenzisane nabezinhlangano ezizimele (Non-Governmental Organisations) ukuze sifinyelela kuzona zonke izindawo zemiphakathi yethu. Yingakho sisazoqhubeka njalo nokubeseka. Sizoqhubeka nokuqhakambisa ukubaluleka kwa ward committees ukuze aqinisekise ukuthi ayizindlebe namehlo ethu emiphakathini yonke ndawo zonke. Sizoqhubeka nokuwaqeqesha ukuze awenze ngobuqotho umsebenzi wawo. Sizoqhubekela phambili nokukhulisa ingqalasizinda yethu okubalwa iNkanini Indoor Sports Centre nezinye izakhiwo. Umasipala wethu ukhombise ukukhula okukhulu kuleminyaka emibalwa edlule. Sibone ngokukhula kwezidingo nokushintshashintsha kwezidingo nezinselelo ekumele sibhekane nazo ngasosonke isikhathi. Amawadi ethu asengu 20. Ngiyanxusa ukuthi umuntu ngamunye abheke ukuthi ukweyiphi iwadi ngoba wonke amawadi athintenkile ngenxa yokukanywa kabusha kwemingcele.

Sizoqhubeka nokugqugquzela abakhi bama Malls amabili ahlonziwe eyodwa oThuthwini Kanye neyodwa oPhepheni. Loko sikwenza ngokubambisana namaKhosi aseNdlunkulu. Amakhosi aseNdlunkulu ayohlala njalo ebalulekile kuMasipala wethu. Siyalibonga iqhaza alibambile ekuqhubezeleni izimpilo zabantu phambili. Sizoqhubeka njalo nokusebenzisana namakhosi aseNdlunkulu njalo. Kumanje asekhona Amakhosi ahlala kwiCouncil yethu nakuwo wonke amakomiti.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.