Sithuthukisa ezokuvakasha eMzumbe

2016-05-12 06:00

SIDALA futhi siqinisile isiZulu uma sithi ingwe idla ngamabala. Nathi njengohulumeni kuningi esikwenzayo ukuzikhangisa kubantu ukuze beze ezindaweni zethu kutshaleke izimali. Ukutshaleka kwezimali kukhulisa umnotho wethu. Ukukhula komnotho wethu kusho ukuhlala kahle kwemiphakathi yethu.

Uma uzwa ngezindawo ezinhle kusuke kukhululwa ngezindawo ezifaka phakathi ezokuvakasha. Isikhathi esiningi lezo zindawo kusuke kuyimvelo eyazidala zibe zinhle. Ezinye izindawo kusuke kungumlando owenza loko. Thina njengomasipala waseMzumbe sinezindawo ezingumlando owasifinyelelisa lapho sikhona manje. Indawo efana noNtelezi Msani Heritage Centre enye yalezo zindawo. Lapho kunomlando wempi kaKhandapondo. Lendawo sesiyayakha siyayivikela ukuze ihlale ingunaphakade ingumlando ukuze kufunde izizukulwane ngalomlando.

Enye yezindawo kufaka phakathi Itshe likaMariya, Mthwalume Mission, Turton Beach Development nezinye ekuyizona esithi iwona mabala ethu esidla ngawo siyingwe. Ngingasho nje ukuthi singuMasipala saba nenhlanhla yokuthi uma iLembe, iNgonyama uShaka kaSenzangakhona lidlula liya eMaMpondweni ladlula endaweni eyakhele uMasipala waseMzumbe. Ukunyathela kweLembe kwashiya umlando ofaka phakathi ukuqanjwa kwendawo uMthwalume kanye nendawo uMzumbe. Lamagama aqhamuka ngenxa yokudlula kweLembe.

Ngokomlando kuthiwa njalo lapho Inkosi uShaka uma eke wamisa endaweni babebeka amatshe. Ngenxa yobuningi bamabutho kaZulu lamatshe ayeba maningi kakhulu ebizwa ngesivivane. Lamatshe agcina ebizwa ngokuthi Isivivane seNkosi uShaka. Kumasipala waseMzumbe sinawo mabili kwaNomakhanzana ku-Ward 15 Kanye naseCabhane ku-Ward 16. Le ndawo senza uhlelo lokuthi kwenziwe ucwaningo ngalendawo ukuze ivikeleke. Kumanje njalo ngonyaka siye sihlangane ngokuhlanganyela nePort Shepstone Twinning ukwenza okwaziwa ngeTime Travel lapho kutholakala abantu abazolingisa lolohambo lweLembe nokukanisa kwalo iLembe namabutho laphaya kwaNomakhanzana. Loko kunikeza isifundo esihle kubantu abasuke bekhona ukubona ukuthi kwakuphilwa kanjani eminyakeni kusaphila iLembe.

Kube ngokokuqala ngonyaka odlule ukuthi lomcimbi uhanjelwe iNdlunkulu kaZulu ngokujutshwa Isilo samaBandla onke. INdlunkulu yayiholwa uMntwana Mbonisi Zulu ehamba nabanye abantwana baseNdlunkulu abajabulela kakhulu ukuthola ngalomlando.

Nakuwo lonyaka siphinde futhi senza wona lo mcimbi kwaNomakhanzana. INdlunkulu nayo kade ikhona ukuzodlulisa amazwi eSilo kulomcimbi futhi ineqhaza elikhulu elidlalayo ukuqondisa umlando.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.