Siyakhula isibalo sabazuza ngohlelo lwe EPWP

2018-07-12 06:00

IMIZAMO yokuthuthukiswa kwemiphakathi, ukulwisana nobubha, ukungasebenzi kanye nokungalingani, iyabonakala njengoba loMasipala usukwaze ukudala amathuba omsebenzi alinganiselwa ngaphezu kwezinkulungwane ezimbili (2000) ngaphansi kohlelo lwe Extended Public Works Programme (EPWP).

Uhlelo lwe-EPWP saluqala ngonyaka ka 2015 ngaphansi kweSifunda soGu kanti loluhlelo lusayimpumelelo ekulwisaneni nobubha, ukungasebenzi kanye nokungalingani.

UMasipala kusukela kunyaka wokusungulwa kwaloluhlelo, ususize abantu abangaphezulu kuka-2500 ukuthi bakwazi ukuxosha ikati eziko.

Lesu likaHulumeni waZwelonke liqhamuke nezindlela eziningi zokudala amathuba emisebenzi lapho kuzuza khona intsha, abesifazane abahlala ezindaweni zasemakhaya, abantu besilisa kanye nabantu abakhubazekile.

Kunyaka wezimali ka 2017/18 kudaleke amathuba emisebenzi esikhashana angaphezulu kuka-1400.

Ngawo futhi lonyaka, uMasipala uqale uhlelo oluveze amathuba omsebenzi angamakhulu amathathu anamashumi ayisishiyagalombili nesithupha (386) la kuqashwe khona imbokodo ukuthi ibhekelele ukuhlanzwa kwengqalasizinda yamanzi kwiSifunda soGu.

Ngokohlahlomali lalonyaka wezimali ka 2018/19 oqale ngomhlaka 1 Julayi , siwuMasipala weSifunda soGu, sibeke imali engu-R14 845 000 ukubhekelela izinhlelo zokulwisana nobubha emiphakathini yethu.

Ngaphansi kwaloluhlelo lwe-EPWP, uMasipala uzoqala uhlelo olusha lokuhlanzwa kwemifula, izindawo ezimanzi kanye nemithombo.

Loluhlelo lunikwe isamba esingu-R4 713 000. Siphinde sabeka imali engango-R9 345 495 yokulwisana nobubha ngokusungulwa kwamathuba emisebenzi.

Uhlelo lomama lokuhlanza ingqalasizinda yamanzi lubekelwe imali engu-R4 632 000 ukuqinisekisa ukuqhubeka kwalo.

Uhlelo lwe-EPWP lukwazile ukusiza idlanzana labantu abakwazile ukufunda imisebenzi bathola namathuba okuqashwa ngokugcwele kwizikhungo ezihlukene zikaHulumeni.

Kubalulekile ukuthi ngichaze ukuthi noma ngabe umsebenzi kaMasipala wukuletha intuthuko yamanzi nokuthuthwa kwendle emiphakathini, kodwa kuwumsebenzi waHulumeni wonkana ukuqinisekisa ukuthi ayancipha amazinga obubha nokungasebenzi emiphakathini yethu.

Isikhathi esiningi izinkinga zobumpofu, ukungasebenzi kanye nokungalingani zithinta kakhulu intsha kanye nabantu besifazane okudalwa ukuntuleka kwamakhono.

Siyathembisa siwuMasipala woGu ukuthi sizoqhubeka nokusebenzisana noMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi ukuqinisekisa ukuthi lohlelo luyaqhubeka eminyakeni ezayo futhi amalungu omphakathi ayazuza ngalo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.