Ucela ukuvotelwa unobuhle wendawo

2018-02-15 06:00
Isithombe: SithunyelweUnobuhle uNtombikayise Mzobe, ocela amavoti.

Isithombe: SithunyelweUnobuhle uNtombikayise Mzobe, ocela amavoti.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ONGOWOKUZALWA eGamalakhe endaweni yakwaXaba uNksz Ntombikayise Mzobe (21), uthe ucela umphakathi wasoGwini umvotele njengoba engenele umncintiswano wonobuhle uMiss Eagle South Africa 2018. Ngokwemfundo uMzobe uphothule izifundo zakhe eGamalakhe Commercail High wabe esedlulela enyuvesi i-Walter Sisulu Ibika Campus, e-Eastern Cape. Uthe njengoba efunda e-Eastern Cape umele onobuhle baseEastern Cape, njengoba lomncintiswano ungenelwa onobuhle kuzona zonke izifundazwe zeNgingizimu Africa.

“Ngithanda ukucela ukusekwa umphakathi walapha eSouth Coast njengoba kuyiwona umphakathi engikhulele kuwona. Ngokufunda ngenza unyaka wokuqala, ngifundela iDiploma kwi-Internal Auditing. Ngingumuntu ozethembile, onothando lwabantu. Kulomncintiswano ngisesigabeni sokuba i-ambassador, emvakokukethwa ohlwini lonobuhle abaningi abangele lomncintiswano,” kusho uMzobe.

“Akusiwona owokuqala umncintiswano engiwungenelayo, ngaphambilini ngangenela eminye emibili ngangaphumelelela. Angililahlanga ithemba njengoba ngingenele u-Miss Eagle South Africa. Ngicela umphakathi ubambisane nami ungivotele ukuze ngiphume phambili, ngifeze iphupho lami,” kusho Umzobe. Uthe uma engathola amavoti omphakathi angadlulela esigabeni esilandelayo, aye emaphethelweni phecelezi ama-finals ekupheleni konyaka eGoli. Ukuvotela uMzobe uthumela uqhafazo othi Ntomby Mzobe ku-35334. Umqhafazo ngamunye ubiza R3 kuphela. Ukulandela uMzobe kulomnticiswano ungamlandela kuFacebook kuNtombikayise Mzobe Miss Eagle South Africa 2018 Brand Ambassador- EC, naku-Instagram ku @ntombikay­isemzobemesa2018.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.