Ugcagcelwe esehlale nomkakhe iminyaka engama-72

2018-07-26 06:01
Umndeni wonke usuphelele uzobungaza usuku olukhulu lukaBhishobhi Simon Madlala nonkosikazi wakhe.Izithombe: Thami Ka-Nkosi

Umndeni wonke usuphelele uzobungaza usuku olukhulu lukaBhishobhi Simon Madlala nonkosikazi wakhe.Izithombe: Thami Ka-Nkosi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BEZIWUSHAYA kufinywa ngendololwane ngesikhathi kugcagca uBhishobhi Simon Madlala no-Angeline Magcaba-Madlala ngoMgqibelo mhla ka-14 kuNtulikazi (July) eMurchison esigodini saKwaMaveshe, asebehlale iminyaka engama-72 bendawonye.

Nakuba imvula ibithanda ukuphazamisa kodwa lokho kubukeke njengesibusiso njengoba bekushaywa ingoma kugiya nezalukazi.

UBhishobhi uMadlala uthe lokhu ukwenze ngoba engafuni isizukulwane sakhe sisale siba nezinkinga njengoba iBhayibheli lisho ukuthi izono zabazali ziwela ezinganeni.

Uthe: “Obekubaluleke kakhulu ukubonga kuMdali ukuthi usengigcine ngaze ngaba kulesi sigaba engikusona futhi ngisadla anhlamvana,”kusho yena.

Uthe ukubambisana okuhle komndeni yikhona okuke kube yisizathu sokuba izinto zihambe kahle zize zifinyelele ezingeni eziyilo.

“Akukho engingathi kuyintando yami njengoba kwenzeke lo mcimbi ebengikade ngiwufisa,” kubeka uBhishobhi.

Uthe usezoke ahlale anethezeke nonkosikazi wakhe weminyaka njengoba esazi ukuthi usiko nezimfanelo sekwenzekile.

UBhishobhi uMadlala uqhube wathi akukho lapho inkolo iphambana khona nesiko kodwa okubalulekile ukuthi konke kwenziwa ngendlela yini futhi kube nesizotha.

Ubeke wathi ayikho imfihlo uma kubhekwa isikhathi asesihlale nonkosikazi wakhe, wathi inhlonipho, ukuthandana, ukubekezelelana nokunakekelana yikhona okubaholele ekutheni bakwazi ukuhlala iminyaka eminingi bendawonye.

Ubonge bonke abadele amakhaza abeshubisa umnkantsha kanye nemvula ukuzobeseka osukwini lwabo olukhulu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.