Ugcine etholakele umntwana obethunjiwe

2017-11-02 06:00
Isithombe: SithunyelweIngane eyabe inyamalele uChristopher lapha inabazali bayo uCharles Nkonyeni kanye noZodwa Khutyiswayo.

Isithombe: SithunyelweIngane eyabe inyamalele uChristopher lapha inabazali bayo uCharles Nkonyeni kanye noZodwa Khutyiswayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBE yinjabulo yodwa ngesikhathi umntwana okwabikwa ukuthi webiwe yisihlobo eMurchison, nobese kuphele cishe isikhathi esingangenyanga anyamalala ehlangana nabazali bakhe. Kusolakala ukuthi uChristopher wathathwa umzala kayise zingama-23 kuMandulo (September) KwaMbayimbayi eMurchison, kanti uze waphinde wahlangana nonina noyise ngoLwesihlanu olwedlule. Ngokusho kukayise wengane uMnu Charles Nkonyeni, lowo owabe esolwa ngokweba usana uNksz Nqobile Nkonyeni wafika wayishiya kwakhulu wakhe emini.

“Wahamba waya kwakhulu eThongasi, KwaNzimakwe wafika ingane wayishiya phezu kukasofa yena washaya utshani,” kusho uNkonyeni.

Uthi wathola ucingo luphuma ezihlotsheni zimazisa ukuthi ingane isibuyisiwe kodwa uNqobile yena ukhale amaphepha.

Kuthiwa wafika wabeka ingane ngesikhathi isalukazi sineka izingubo emuva kwendlu. Sithe uma sihlangana naye sambuza ngendaba yengane wathi usaya kokhokhela imoto eyabe imlethile uyabuya kodwa akaphindanga wabonakala.

“Ngijabula kakhulu ngokuthi ingane yami ibuye isaphila. Bekunzima kakhulu ngalendlela yokuthi ngisho umama wengane bese kunzima nokuthi sibe nokuxhumana okuhle naye,” kuchaza uNkonyeni.

Uphinde waveza ukuthi okubaphatha kabi kakhulu ngukuthi umama womsolwa akakaze nangolulodwa usuku axhumane nabo ngesimo esenzekile, nokuyinto embi njengalokhu beyizihlobo ezisondelene kakhulu.

“Isenzo sabo senza kube nzima ukuthi singamxolela uNqobile, futhi kumele nakanjani ajeze aboshwe kuze kuzofundiseka nabanye abenza izenzo ezifana nalesi asenzile,” kubeka yena.

Uphinde wabonga kubona bonke abakhombise ukumeseka ngalesi sikhathi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

5 scientific benefits of owning a cat

According to science, just the act of watching cats itself can bring about positive emotions – so it comes as no surprise then, that owning a cat has a number of benefits.

 

Paws

Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
This special pooch inspired his brother to learn to stand again
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.