Umkhandlu usiza abafundi ngezimali

2017-02-09 06:01

UMASIPALA wase-Ray Nkonyeni uqhubeka nezinhlelo zokulekelela abafundi abangenayo imali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Isitatimende esithunyelwe kwabe zindaba sidalule ukubaluleka kokukuthi lo masipala unikele ngalolu hlelo olugqugquzelwe umeya.

Okhulumela umasipala wase-Ray Nkonyeni uMnu Simon April uthe isaziso salolu hlelo sashicilelwa emaphephandabeni, kwi-website yalo masipala nase zinkundleni zokuxhumana ezahlukene ngenhloso yokuthi abafundi befake izicelo.
“Baningi abafundi abafaka izicelo kodwa ngoko mgomo kamasipala nangohlelo lwezi mali, kwathathwa izicelo ezingama-243 ezicelweni ezazi ngama-353 ezazi fakiwe. Kulindeleke ukuthi abafundi bethole izikhala emanyuvesi. Lolu hlelo lusebenza ngokuthi ngubani obhalise kuqala,” kusho uMnuz April.

Uthe umasipala ugqugquzelekile ukuba uqhubeke nalolu xhaso.
Okunye wukuthi abafundi kumele babhalisele umfundaze we-National Students Financial Aid Scheme (NSFAS) uma sebe bhalisile emanyuvesi. “Umasipala use zinhlelweni zokubiza umhlangano nabafundi abebe xhaswe uMasipala wase-Zinqoleni nowase-Hibiscus Coast ukuze kutholakale ukuthi baqhuba kanjani.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.