Umndeni usola umtholampilo

2017-01-26 06:03

UMNDENI wakwaCele eSt. Faiths usola umtholampilo wase ndaweni ngokudlula emhlabeni kwelungu lomndeni walo.

UMnu Stanley Cele uthe bengeke ashone umfowabo ukuba waluthola usizo kulo mtholampilo.

“Mhla ziyi-9 January saphuthumisa umfowethu owayengaphilile ephethwe yiphika emtholampilo eSt. Faiths, ngezikhathi zantambama ngehora lesihlanu. Uma sifika savinjwa onogada esangweni basitshela ukuthi ngeke sisakwazi ukungena ngoba sekuvaliwe,” kusho uCele.

Uthe indlela umfowabo wayexineke ngayo kwakuphuthuma kakhulu.

“Isimo sasingesihle neze sabese sadlulela e-Assisi okungomunye wemitholampilo kodwa ulibangana uma usuka endaweni yethu. Uma sifika nje wayesethulile umfowethu,” kusho uCele.

Uthe umhlengihazi abakhuluma naye wathi kwakungamele onogada banqabe ukubangenisa ngoba kwakuphuthuma. –“Lomhlengikazi wasitshela into ebuhlungu wathi ukuba besivunyeliwe eSt. Faiths umfowethu wathola usizo lohlobo lwesifutho sokuphefumula ngabe usindile. Lokho akuhlalanga kahle kuthina njengomdeni,” kusho uCele.

Intatheli yeFever ixhumene nomnyango wezempilo ukuze ithole ibangela yokuvalwa kwomtholampilo. Okhulumela uMnyango wezeMpilo Ogwini uThabisile Ngobo uthe imitholampilo emincane ivula ekuseni ivale ntambama ngehora lesine. Uthe loludaba lwase St. Faiths bazolubheka kepha wonke muntu wasemphakathini uyazi ukuthi umtholampilo wase St.Faith uyashesha ukuvalwa.

“Lokhu sikumemezela njalo ezimbizweni. Saphinda sathumela lomyalezo ngezinduna zamakhosi, nasemihlanganweni yoMnyango siyakugcizelela lokhu,” kusho uNgcobo. Uthe abahlali base St. Faiths bayazi ukuthi umtholampilo ovulwa ubusuku nemini owase Assisi. “Ngalokhu sithi umphakathi ubovele uphuthume eAssisi uma kukhuna isimo esiphuthumayo ngempelasonto kanjalo naphakathi nobusuku,” kusho uNgcobo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.