Uphokophelele phambili ngomculo

2016-03-24 06:00
PHOTO:  USbahle Precious Mkhungo wengoma "Ungenza nje".

PHOTO: USbahle Precious Mkhungo wengoma "Ungenza nje".

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USBAHLE Precious Mkhungo ongowokuzalwa endaweni yaseGamalakhe ukhiphe iculo nevideo yengoma yakhe ‘Ungenza nje’. Lengoma iqale ukuzwakala ezinyangeni ezimbalwa ezedlule emsakazweni uKhozi FM, iGagasi FM, Umhlobo Wenene, Tru FM kanye neminye. USbahle usehlala eGoli lapho eqhuba khona umculo wakhe. Kubajabulise kakhulu abalandeli bakhe uma sebezwa ukuthi ingoma yakhe isinevideo.

USbahle ufunde ePort Shepstone High wabe eseqedela izifundo zakhe eThekwini, eDurban University of Technology, okuyilapho eqale khona umculo ebhalela abanye abaculi izingoma.

USbahle usebenze noMojalefa “Mjakes” Thebe okuyena obengumdidiyeli walengoma yakhe.

Sibahle uyaqhubeka nomsebenzi weAlbum yakhe kanti uthembisa ukusebenzisana nabaculi abaningi abohlobo lomculo iSoul neAfro Pop

“Iculo ‘Ungenza Nje’ libhalwe imina ladidiyelwa uMojalefa “Mjakes” Thebe, leculo ngilibhaliswe into engiyibona yenzeka kwezothando, abantu belahla ithemba, ngabona ukuthi angibakhumbuze ukuthi lukhona uthando lweqiniso,” kusho USbahle.

Uthe leliculo lihlose ukuthi ligqugquzele abantu ukuthi bangalilahli ithemba.

Uthe abaningi babalandeli bakhe abamlandelayo koFacebook nako-Twitter bathanda lumucu othi, “Uyikhandlela lami ukhanyis’ inhliziyo yami’ abanye bathanda “Mangihamb’ endleleni ngihlek’ ubala, sengiyisithutha sithutha sothando”. Uthe lokhu yikhona abekufuna futhi ekuhlosile ngalengoma. Mekwakhiwa iVideo yaleculo uSbahle uthe bekuyintokozo enkulu.

Asebenzisane nabo ukushutha levideo, iPilot Films.

“Ivideo inowesilisa okuyena odlala indawo yesinqandamathe sami futhi uyisizathu sokuthi ngibesemathandweni kangaka,” kusho uSbahle. Ivideo yakhe ishuthwe eThekwini, eBallito kanti uthi uyazi ukuthi baningi abazoyithanda.

USbahle uzibona ungumbali wezingoma zamafilimu alapha eningizimu Afica nakwamanye amazwe eAfrika iyonkana.

“Ungenza nje uyatholakala kuSoundcloud, iTunes nakuYouTube. Ungalandela nakuFacebook “Sibahle Song” kanti kuInstagram nakuTwitter sbahlerocksolid.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content this holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.