Usheshe wafika Ukhisimusi kwizalukazi zaseGamalakhe

2018-12-27 06:00

INJABULO ibibhalwe emehlweni kwizaguga zakuWard 27 eGamalakhe njengoba benzelwe umcimbi wakhisimusi okulapho abathole khona ukutatamiswa babuya bahlomula ngokudla kanye namakhekhe.

Lomcimbi obuhlelwe iKhansela lakuWard 27, uMnumzane Mdumseni Cele libambisene nabasizibalo ububanjelwe kwaXaba Community Hall ngoMgqibelo odlule, mhla zingu 15 ku-Zibandlela.

UGogo Busisiwe Zulu ophumelele ukuza kulomcimbi wakhisimusi uthe ujabule kakhulu ngento eyenzekile. “Lomnikelo usilekelela kakhulu uphungula umthwalo wokuhlala ekhaya sihlushwe abazukulu njengoba kuvalwe izikole. Kumnandi siyajabuliswa, siyaphekelwa, sithengelwe nekhekhe sijabule ngempela siwogogo. Ngiyafisa ukuthi kungangagcini lapha kodwa kuqhubekele phambili.

“Sihleli emakhaya sibulawa ushukela namathambo kodwa lomcimbi usize kakhulu ngoba sikwazi nokusukuma sidanse, sidumise uNkulunkulu. Sibonga kakhulu kumzukulu wethu, iKhansela uMdumseni kanye nabo bonke ekade ebambisene nabo kuze lomcimbi ube impumelelo,” kusho ugogo.

Kulomcimbi wezalukwazi kufike nosihlalo sikakhongolose ku Ward27 uMnumzane Phumlani Mzobe othule inkulumo. Kuphinde kwanandiswa ngomculo othulwe abazukulu abahamba noBaba uMzameko.

Ngokusho kwekhansela lakuWard 27, uMnuz Cele abantu abadala babathanda kakhulu yikho behlonze lokusuku njengo lwabo.

“Khona ogogo abangazi ukuthi kulokhisimusi bazothatha ini, bahlanganise nani yikho sibone kuncono ukuhlanganisa esinako sijabulise izintombi ezindala zakulendawo. Sibathengelile amakhekhe amabili, sibaphekelile sifuna nje bajabule omama bethu bakhohlwe okuningi. Ngaloku okuncane sifuna ukuthi siyabonga njengoba sekuphela unyaka,” kusho iKhansela.

Leli Khansela liphinde layala izalukwazi ngaphambi kokuzifisela ukhisimusi omuhle.

“Bomabami ngiyazicelela ukuthi niyeke ukutetemisa izingane zenu nabazukulu ngoba yikho bephetha sebeniphuca izimali zepenisheni baphinde bangahloniphi.”

Uphetha uthi zibalulekile izalukwazi emphakathini wethu nase zimpilweni zethu.

“Nginifisela ukhisimusi noncibijane omuhle, inkosi isigcine sonke kuze kushaye unyaka ozayo,” kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 

Enter the examination number or search by province or school (NSC Students) to view results.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.