Uthuthukisa intsha ngezinkondlo

2018-06-07 06:01
UNksz Nontobeko Gigaba noMnuz Mncedisi Nungu emcimbini obuse hlanzeni KwaMakhaye.ISITHOMBE: Sithunyelwe

UNksz Nontobeko Gigaba noMnuz Mncedisi Nungu emcimbini obuse hlanzeni KwaMakhaye.ISITHOMBE: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AKUVE kuncomeka ukubona umuntu osemusha enza okuhle emphakathini njengokuthuthukisa ithalente lakhe entsheni kanye nokuzigqaja ngobuCiko, lokhu kufakazelwa insizwa eyimbongi uMnuz Mndedisi Vincent Nungu eyenza umsebenzi wayo ngokuzimisela nokuzikhandla. Intatheli ye-Fever ixoxisane nale nsizwa ngomsebenzi wayo.

NM [Nosipho Mkhize]: UNgubani uMncedisi futhi wenzani?

MN [Mncedisi Nungu]: Igama lami ngingu Mncedisi Vincent Nungu ngaziwa kakhulu ngelika ‘Mncedy Mc’ emcimbini yezinkondlo. Ngifunde eNyuvesi yaKwaZulu-Natal phecelezi i-University of KwaZulu-Natal eHoward College. Ngingumhayi wezinkondlo, umsakazi, umphathi wezinhlelo emcimbini [MC], nomhleli wemicimbi yezimbongi.

NM: Uqale nini ukubhala izinkondlo?

MN: Ngiqale ukubhala izinkondlo ngisafuda emabangeni aphansi. Ngesikhathi ngisafunda ngangiyilungu le nhlangano eyayibizwa ngokuthi yi-Peace Club okwakuyihlangano lapho sasidingida udaba lwezingqinamba nezinkinga esihlangabezana nazo njengabafundi. Ngalesosikhathi ngangiwumfundi othanda ukubeka uvo lwakhe oluhlukile kunabanye. Ngelinye ilanga savakashelwa enye insizwa uMnuz Mxolisi Mtshali owayengumhayi wezinkondlo. Ngayibuka indlela ayenza ngayo futhi sasingayijwayele ngase ngafiisa ukuthi nami ngelinye ilanga ngingathanda ukukwenza lokhu okweziwa uMnuz Mtshali yokudlulisa umyalezo kubantu ngendlela yenkondlo.

NM: Yikuphi okunye okwenzayo ngaphandle kokubhala izinkondlo?

MN: Kuningi okunye engikwenzayo emphakathini njengokuhlela imicimbi eyahluka hlukene, omunye wayo bewu ngomhlaka-12 kuNhlaba (May) lapho bekuhlangene izimbongi zenza ezidume ngakho. Bekukhona nabaculi abaningi kubalwa uMdolisto Pu-Man, iDouble 2, uNanoh khona, bekukhona nosomahlaya beholwa uMfan’fikile Nungu ocula umculo wokholo ophinde asebenzisane noBongani Maduna waziwa nge ngoma ethi “Makhelwane wami”. Lo mcimbi ubuse Hlanzeni ehholo iSkhelekehleni KwaMakhaye.

NM: Yini eyakugqugquzela ukuthi ubhale noma uhaye izinkondlo?

MN: Ngigqugquzelwa izinkondlo zika Sbo Da Poet nezika Mxolisi Mtshali nokubuka izimo ezenzekayo empilweni.

NM: Obani osebenza nabo?

MN: Ngisebenza nenkampani ebizwa ngokuthi yi-Dog Four Entertainment Record. Ngiphinde ngisebenzisane nezinhlangano zomphakathi ezingenzi nzuzo nezinye kubalwa iZulu Tech, iGazania Magazine, iKhubalo Development ne SDC and Mshengu Photography.

NM: Uzibona usufinyelele kuliphi izinga eminyakeni ezayo?

MN: Ngizibona ngiwu msakazi osezingeni eliphezulu ohlonishwayo obalwa kanye noTshatha Ngobe woKhozi FM futhi ngingumhayi wezinkondlo ohlonishwayo ngomsebenzi wobuCiko awenzayo.

NM: Yiziphi izeluleko ongazinika intsha yaseNingizimu Afrika?

MN: Intsha kumele isebenze ngokuzikhandla, yazi ukuthi imfundo yayo ibalulekile, bazi futhi ngamakhono ayo. Uma bebambe lokho kusho ukuthi bazophumelela, baphile impilo abayifisayo bashintshe umhlaba ngoba ukusebenza kanzima kuzala impumelelo.

Ngiyatholakala kwikhasi le-Facebook elithi: Mncedy Imbongi noma kwikheli le email elithi: mncedyimbongi@gmail.com.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngezinkondlo zami ungashayela inombolo ethi: 084 861 6358 futhi ngine album enesihloko esithi Unyembezi engiyishicilele ngomhla ka-5 kuNcwaba (August).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.