Uyadlondlobala owamasiko

2017-09-21 06:01
ISITHOMBE: thami ka-nkosiIqembu loChwepheshe lishaya ingoma ebhuqu ngoMgqibelo.

ISITHOMBE: thami ka-nkosiIqembu loChwepheshe lishaya ingoma ebhuqu ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yezokuvakasha i-Ugu South Coast Tourism iqale inyanga yamagugu ngokuba ingxenye yomcimbi waminyaka yonke obizwa ngokuthi Amakhono Heritage Festival

Lomcimbi ogqugquzela amasiko ububanjelwe ezinkundleni zemidlalo zaseBhuqu eBhomela ngoMgqibelo owedlule.

Lomcimbi uqale ngegiya eliphezulu, amaqembu ahlukahlukene eshiyelana inkundla. Abaculi abebeshiyelana inkundla kubalwa kubona Ochwepheshe, Abaluswa, Izidlamhlathi, Bahluphile, Abasebenzi, uNdumiso nabanye abaningi.

UThanda Ncane ongusihlalo we-Ugu Association of Business uthe angathanda ukubona imicimbi ewuloluhlobo idlondlobala ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.

UMaxwell Mhlongo obeqhamuka ngaphansi kwenhlangano yezokuvakasha uthe ukubonakala kwamakhono amahle ezindaweni zasemakhaya kusho ngokusobala ukuthi baningi manje asebebona ukubaluleka kwezokuvakasha kane nokubamba iqhaza

Uthe ngesikhathi abantu abasha nabadala bezibandakanya ngamakhono abop lokho kusho ukuthi kuzoba nkukhulu ukunotha kulomkhakha.

“Akugcini nje engomeni nasemiculweni ehlukahlukene kodwa sinabantu abaningi asebengene bathi shi kwezeshashalazi kanti futhi iqhaza elibanjwe ngabasebenzi bezandla libonakala lidlondlobala,” kusho uMhlongo.

“Imicimbi efana nalena iyagqugquzela ukuzimisela, iphinde ivundulule namathalente ekade engaziwa,” kubeka uMhlongo

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.