Uyathuthuka mculo ka-Afrika Cele

2018-04-19 06:00
U-Afrika Cele waseMtwalume.Isithombe : Sithunyelwe

U-Afrika Cele waseMtwalume.Isithombe : Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI osedume phesheya kwezilwandle u-Afrika Cele wase Mtwalume uthi liyamangaza ibanga aselihambile ngomculo wakhe.

UCele uthe uye wangabonakala eSouth Coast ngenxa yokuba mathasa phesheya kwezilwandle naseGoli.

UCele uthe kuyamujabulisa ukwazi ukuthi umculo wakhe uthandwa abantu abahlukene kangangoba abe-Muthanda Records, bamufune baze bamuhole, befuna ukuqhopha ingoma yakhe ebizwe ngokuthi yi- Wish I could Fly ekwi-album enesihloko esithi-Evening of Love, eqoshwe ngoNhlolanja (February) ngesikhathi kulungiselelwa umcimbi wezithandani eGauteng.

Muthanda Records iyinkamapani yokuqopha ezimele ephathelene nokukhangisa nokushicilelwa kokurekhoda komculo, eyaziwa ngokuqhopha ama-album abaculi abafana noVusi Nova, uNtando Bangani noKelly Khumalo, UCele uthe: “Ngezwa sengifonelwa umphathi we-Muthanda engitshela ukuthi iculo lami uhlezi elidlala kepha engazi ukuthi liculwa ngubani.”

Uthe okunye okwamjabulisa kakhulu futhi okumgqugquzelayo ekutheni aqedele i-album yakhe, ukuwina indondo ye-Best Female Artist eklonyeliswe uMasipala wasoGwini ngonyaka odlule. Uthe:“Ngathi ngingekho ngihambele eNew Caledonia ngezwa kuthiwa sengiwinile, lokhu kwangimangaza ikakhulukazi njengoba umculo wami usayi ‘underground’ ngingaka khiphi ngisho i-album.”

Uthe ubonga bonke abamuvotela kulama-Awards.

Njengenjwayelo uCele uye acule emcimbini owaziwa nge-Ugu Jazz Festival minyaka yonke, njengabonke abaculi bendawo abaye bafakwe ohlelweni.

Uthe ubengathanda ukuthi kulonyaka aziwe njengomculi osethuthuthukile emva kwazo zonke lezilokotho ezihle asehlangabezane nazo.

Uqhube wathi akusiwo umculo kuphela aziwa ngawo emazweni kepha nengqephu yakhe eyaziwa ngokuthi yi-fatuka, nayo esimlethele udumo.

“Ngathi ngizimele eNew Caledonia ,ngezwa singibizwa omunye wabaculi uJah Mason, owayesesitegi wangicela ukuthi ngimenzele inqephu, wathi uyayithanda indlela engigqoka ngayo.”

Uthe kusukela manje uzobhekana ngqo nokuqeda i-album yakhe ukuze isasasa lakhe lizothuthuka kakhulu kunalokhu.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.