Waqala emncane ukuthanda okaMaskandi

2018-12-06 06:01
PHOTO: supplied

PHOTO: supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUKHULA elalela umculi kamakandi ongasekho emhlabeni, uMtshengiseni Gcwensa kwapha uKwenza Nzama amandla ukuba abe nogqozi lokuthi aqale acule esikoleni nokulapho abona khona ukuthi ubizelwe kulento yokujabulisa abantu ngalomculo.

Lo mculi uthe wazibona ukuthi unekhono lokucula umaskandi esaseskoleni ecula noBusani Bhengu. “Ngisase Velimemeza Primary School ngangicula nensizwa uBusani Bhengu nalokho okwangenza ngabona ikhono enginalo,” kusho yena.

Emva kokubona ukuthi ubizelwe kulomculo lensizwa eyaziwa ngo S’kandiboy emculweni yasungula iqembu kanye nabafowabo.

“Ngonyaka ka 2017 ngiqale iqembu lika maskandi elibizwa ngokuthi AMAQHAWE AMANCANE engilikhande ngokuhlanganyela nabafowethu,” kubeka yena.

Uthe leli qembu ulakhe ngokuhlanganyela no-Ross Nasha, Thanda Ngwane, Sphesihle Mngoma, Ndumiso Nasha, Smakahle Khawula, Lindokuhle Cele, Nkululeko Nasha benoSanele Khawula.

“Sesike safinyelela emsakazweni Ugu Youth Radio,nalapho sajabulisa i-south coast yonke ngawo lomculo kamaskandi,” kusho uKwenza.

Eqhuba uthe njengamaqhawe amancane bazimisele ukujabulisa isizwe futhi bayafisa nokuzibona benempumelelo.

“Yize sikujabulelo konke loku kodwa kuwo wonke umsebenzi esiwenzayo singathanda ukubonga umpathi wethu uRaa Msimango ngokusemukela kwakhe aphinde asethembe ngomsebenzi wethu kanye noSyabonga Shozi ohlala esigqugquzela njalo,” kusho lomculi.

Uphinde waveza ukuthi kulenyanga ezayo baya kumsakazo Ukhozi FM baphinde badlulele kwi 1KZN TV futhi bayakwazi ukuzocula emcimbini kanti nabahleli bemcimbi bangabamema.

Ukwazi kabanzi ngaleliqembu ungabathola kuFacebook : Kwenza maskandiboy zama kanti ungabathinta nangocingo ku- 0603740862 noma 0610382815.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.